Thandazani – Sasibaningi

uThandazani Emmanuel Mncube umculi waseNkandla ozinze egoli unemnyaka efikile endimeni usebenze noGatsheni ngonyaka odlule.  Abathandi bomculo kamaskandi abaningi bathanda ingoma yakhe eneshloko “Amabhinca”, yenze kahle kakhulu ezitolo zomculo leyongoma. Kulonyaka ubuye neAlbum enengoma eziwu10, kunesasa ingoma yakhe “Sasibaningi” isihlale isonto lonke kumaTrending Songs kunombolo 2 iqhudelana nengoma ezinedumela ezabaculi baphesheya oDrake, iyona ewunombolo 1. Ingoma … Read more

Ungena – Uqinile Umthetho

Mdumiseni Sbongiseni Thwala (Ungena) umculi kamaskandi osafika endimeni ufike ngonyaka ka2023 ngeEP yakhe enengoma ezimbili ishloko (“I Promise you”), ufike wathola isasasa kakhulu kubalandelu nakubathandi bomculo kamamskandi ngokubambisana kwakhe namaGroup ukwazile ukudayisabumculo wakhe enkundleni zokuxhumana ezifana noItunes, Spotify, Deezer, YouTube. Ngonyaka ka2024 ufike neAlbum enengoma ezilishumi ishloko seAlbum “Uqinile umthetho”, okuyiAlbum emenze wanakeka kakhulu baningi … Read more

Dumakahle

Akekho noyedwa nje umuntu olandela nothanda umculo wesintu ongamazi uMaphathefika odume kakhulu ngokuqinisa ipeni uma ebhala ingoma. Phela uDumakahle udume kakhulu ngengoma enomlayezo okuyikhona okwamakhela kakhulu ugazi ebantwini kanye nabalandeli balomculo. Into eyenze leliciko lithandwe kakhulu abantu isigqi sakhe kanye nezingoma zakhe ezibhalwe ngalendlela enobuciko kakhulu kanti futhi akasiyena umuntu otheza izingoma zamanye amaciko azenze … Read more

Izingoma ezidla ubhedu

Unyaka nonyaka emculweni kaMaskandi kuhlale nezingoma ezisuke zingene kakhulu kubantu bazithanda. Zidlalwa emsakazweni ehlukene, omabonakude ngokunjalo ngisho nakhona ezinkundleni zokuxhumana zisuke nje zidla ubhedu. Kulula kakhulu ke esikhathini samanje ukubona ukuthi ingoma ingene kangakanani kubantu. Ngokungena nje kwakho kuTicktok, YouTube ngisho naku Facebook uyayibona ingoma ethakaselwe abantu, ngoba ubona ngisho uluvo abanalo ngalelo culo. Ezinkundleni … Read more

Igila izimanga iParis kaMthandeni noLwah Ndlunkulu

Iyaqhubeka nokugila izimanga ingoma kaMthandeni Manqele noLwah Ndlunkulu ethi i-Paris elokhu iqhubeke njalo ngokuhamba phambili emculweni. “https://youtu.be/VBZzRoYx4dg?si=IG5TKV_ym_G7UldG” Ziningi kakhulu izingoma esezike zaba sezingeni lomhlaba futhi zathakaselwa abantu abaningi endimeni kaMaskandi kanye nakwezinye izinhlaka zomculo, kepha ayikho esafike kulesigaba esifike kusona iParis. Phela lengoma ngisho nangonyaka ophelile iyona ebihamba phambili ngokuthakaselwa abantu befuna kube iyona nehlukanisa … Read more

UMongameli wamaBhinca uNgizwe nezombusazwe

Odume ngelokuba umongameli wamabhinca ungene uphakathi shi uNgizwe Mchunu kwezombusazwe, phela kuyinto engajwayelekile ukuthi abantu bakaMaskanda bangenge shiqe baze bavele ngekhala kwezombusazwe. Siyazi ukuthi ubaba uShobeni Khuzwayo nguyena okulomculo oke wavela kwezombusazwe waze waba ikhansela lendawo. Kepha okuka Macingwane kuthuse abaningi, akusikhona ukuthi ungene kwezombusazwe okuthuse abaningi. Kepha okumangaze abantu ikhona ukuthi ungene wabe esebhekana … Read more

Maskandi: Umculo womdabu WaseNingizimu Afrika

Maskandi uhlbo lomculo wesintu esisungulwe eNingizimu Afrika, esifundeni sakwaZulu. Lo mculo uhlanganisa izinhlobo ezahlukene zezinsimbi ezenza ubenesigqi esihambelana nomlayezo wengoma esuke idlalwa iciko eliyiqophile. Uma nje sikhuluma ngalomculo, sisuke sikhuluma ngomculo ohambelana namasiko esintu akwaZulu futhi uncike kakhulu ezigamekweni kanye nezinto ezenzeka mihla namalanga ezimpilweni zabantu, bese kuthi amaciko wona ahlube udlubu ekhasini esenaba ngazo … Read more

UNjoko – Zamemeza izingane

Licasuke kakhulu ke kulokhu iHobosha kwi-album yalo elisha elilikhiphile njengoba wonke umuntu engawuvali umlomo ngayo ekhala ngobumnandi bayo. Phela njengoba sesibheke enyangeni kaZibandlela nje sekuzosongwa unyaka, iningi lamaciko kaMaskandi adedele umsebenzi wabo ukuze uzolalelwa abantu. Ubona ngisho ezinkundleni zoku xhumana ezifana noFacebook kanye noTick-tock ukuthi cha zikhala ngampela ke manje kushiyana umshefezo. Into eyenza ibe … Read more

Izingane ZoMama

Noma umculo kaMaskandi kungumculo okuvelele kakhulu kuwona abantu besilisa kodwa inkulu indima edlalwa nayimbokodo kule ndima yalomculo. Maningi ke amaqembu aloluhlobo lomculo la othola khona ukuthi kuhamba phambili abesimame lapho singabala Izingane Zoma, Imithente, Buselaphi Gxowa, Izintombi zikaMjaphani njalonjalo. Lapha ke sibhunga ngeqembu elidume umhlaba wonke eliholwa yimbokodo elibizwa ngokuthi Izingane Zomama. Iqembu Izingane Zoma … Read more

Dlubheke Khuzwayo

Kweminye imizi lento yomculo kaMaskandi iphilwa iwona wonke umuntu egcekeni kusuka kubaba womuzi kuze kuye nasezinganeni. UShobeni Khuzwayo weZingane Zoma ngomunye wamaciko anenhlanhla yokuthi uMaskandi awuphilwa uyena kuphela kepha uphilwa nayizingane zakhe uDlubheke noFalabo Khuzwayo abaziwa kakhulu kulomculo. UDlubheke indodana kaShobeni Khuzwayo kanti umculo uwuqale ewufundiswa ubaba wakhe ngoba phela ubaba wakhe unamaqembu Izingane Zoma … Read more