Amaculo kaMaskandi “Top 10″

Sonke sinemibono ngokuthi kumaciko omaskandi ubani ingqwele, kanti ke imbono yethu ayifani ngoba nezizathu esinazo azifani zokuthanda amaciko esiwathandayo. Noma ngabe ubani unalo ilungelo lokukhetha iciko akalithandayo futhi abe nombono ngalo ngoba phela inhliziyo ayiphakelwa ingakho ungeke ugxeke umuntu ngokuthanda into ayithandayo. Maningi ama-album kamaskandi athakaselwe abantu ngezindlela ezahlukahlukene, ingakho ke kungamangazi nokuthi kuhlezi kunembono yokuthi ngubani umaskandi oyingqwele kubo bonke abakhona. Lento yohlu lwamaciko ahamba phambili ayishumi “top 10” kade yaba khona futhi ngeke iphele nhlobo ngoba iyona eyenza lomculo uhlale usezindebeni zabantu. Kubanzima kakhulu ke uma kumele ukhethe amaculo ongathi ahamba phambili kumaskandi ngoba unyaka nonyaka kuphuma inqwaba yama-album futhi nawo athakaselwa kakhulu abantu.

Noma emaningi ama album aphumile phambilini kusuka kumaciko amadala angasekho kuza kumaciko amasha, zikhona izingoma esingathi ngesilungu zi “timeless” ngenxa yomlayezo ezinawo kanye nendlela abantu abazithakasele ngayo nje. Kuleli khasi sithi ke ake sizame ukuphuma nohlu lwezingoma eziyishumi esingathi nje zashukumisa uMaskandi namaciko ngokuhlukana kwawo. Lapha sikhethe kuwo wonke ama-album aseke akhishwe amaculo ahlukahlukene emlandweni. Okunzima ke ukuthi ngeke sithi singashaya phansi ngonyawo sithi azikho izingoma ezibe nohlonze ukudlula lezi emlandweni kepha ke zibe nawo endimeni kamaskandi.

  1. Amageza Amahle – Baba nomama
  2. Amangcukumane – Ngizowulahla umlenze
  3. Dlubheke – Impi yamatekisi
  4. Dumakahle – Umama
  5. Mfaz’ omnyama – Ngahlanza ngedela
  6. Mthandeni – Xenophobia
  7. Osaziwayo – Iphupho
  8. Shwi Nomtekhala – Ngafa
  9. Thokozani Langa ft Mtshengiseni – Savumelana
  10. UMgqumeni – SMS

Thumela le-athikili uWhatsapp

6 thoughts on “Amaculo kaMaskandi “Top 10″”

  1. Hello there! This article could not be written much better!
    Looking att this post reminds me of my previous roommate!

    He constantly kept preaching about this. I will send this post to him.
    Fairly certain he’ll have a very good read.
    Many thanks for sharing!

    my web site :: post481818

    Reply

Leave a Comment