Ingqephu edliselayo

Zonke izinhlaka zomculo zinengqephu yazo, abacula ikwaito abantu abafana noDJ Tira, Mampintsha kanye namanye banendlela abagqoka ngayo. Ngisho nawo amaciko amaPiano nawo agqoka ngendlela yawo. Nawo ke umculo kamaskandi unjalo kukhona imfashini esuke idlela ogageni ithandwa abantu kanye nawo amaciko omculo. Ngisho uzihambela nje kweminye imigwaqo yaseThekwini edolobheni abanye abantu ukwazi ukubona ngendlela abagqoke ngayo ukuthi balandela hlobo luni lomculo nokuthi kwesinye isikhathi ngabe ubani lowomculi abalandelayo. Lokhu kusho ukuthi indlela yokugqoka ikwazi ukukhombisa ukuthi umuntu iluphi uhlobo lomculo aluthandayo.

Omega sandals

Kunshintsha ukwenza ngampela ke manje uma kuza kwingqephu kumaciko esintu acula umaskandi. Inkulu indaba nengezo kumaskandi, ihambisana nakho nje ukuthi umculi athandwe abalandeli. Kuqala izinsizwa bezihloba ngamabheshu kepha manje sekushintshile konke lokho, amabheshu asegqokwa uma kuyimcimbi noma kunemidlalo ethile. Phambilini ingezo ibidliwa ngoDMD ngesikhathi soMgqumeni noMtshengiseni, kwaya ngokushintsha. Manje ke okudlisela kakhulu kwingqephu ukubuya kwama-Sandals akwa Omega. Uma ungena nje ezinkundleni zokuxhumana ubona amajongo egqoke lama-sandals kanye nama blukwe akwa Brentwood. Ngisho nabasakazi abafana noVusizwe Langa uma befunda izindaba kumabonakude kuSABC useke angene ngayo nje Omega kanye neBrentwood.

Umswenko uyabiza okuhle ngamaciko amanje ukuthi aseyakwazi ukuthi aholelwe ngokukhangisa izimpahla ezithile abazigqokayo. Njengo DJ Tira nje oyinxusa lakwaPuma bese kuthi kuMaskandi wona abantu abafana noMthandeni bangamanxusa oCutty, oShwi noMtekhala bona uJonathan D.