Ungena – Uqinile Umthetho

Mdumiseni Sbongiseni Thwala (Ungena) umculi kamaskandi osafika endimeni ufike ngonyaka ka2023 ngeEP yakhe enengoma ezimbili ishloko (“I Promise you”), ufike wathola isasasa kakhulu kubalandelu nakubathandi bomculo kamamskandi ngokubambisana kwakhe namaGroup ukwazile ukudayisabumculo wakhe enkundleni zokuxhumana ezifana noItunes, Spotify, Deezer, YouTube. Ngonyaka ka2024 ufike neAlbum enengoma ezilishumi ishloko seAlbum “Uqinile umthetho”, okuyiAlbum emenze wanakeka kakhulu baningi … Read more

UNjoko – Zamemeza izingane

Licasuke kakhulu ke kulokhu iHobosha kwi-album yalo elisha elilikhiphile njengoba wonke umuntu engawuvali umlomo ngayo ekhala ngobumnandi bayo. Phela njengoba sesibheke enyangeni kaZibandlela nje sekuzosongwa unyaka, iningi lamaciko kaMaskandi adedele umsebenzi wabo ukuze uzolalelwa abantu. Ubona ngisho ezinkundleni zoku xhumana ezifana noFacebook kanye noTick-tock ukuthi cha zikhala ngampela ke manje kushiyana umshefezo. Into eyenza ibe … Read more

Khuzani Mpungose: Inja nogodo

Zibondwe zashiywa emculweni kamaskandi ekuqaleni kwesonto lika Zibandlela kanya ka-2021. Wonke umuntu ongumlandeli nomthandi walo mculo wesintu usuke ebambe yakhe impela ngoba phela kuyaziwa lana ukuthi isonto lokukhishwa kwama cwecwe ahlukahlukene ekhiphela ukuvala unyaka. UKhuzani Mpungose, iNdlamlenze edume ngokuba inkosi yomaskandi isivele yenze njalo. Kanti ke abantu bayithakasele ngampela ukuphuma kweNja Nogodo njengoba sekukhona nezingoma ezithandwa … Read more

Igcokama Elisha: Amavolovolo

Iwuchithile umuthi inkonyane kwaManqele, liphumile icwecwe leGcokama Elisha elisihloko esithi Amavolovolo. Leli cwecwe liphume ngomhlaka 02 Disemba 2021 belilindelwe ukuthi lizophuma gomhlaka 04 Disemba 2021 kule nyanga wabe esememezela emsakazweni uKhozi Fm uMthandeni ukuthi selushintshile usuku lokuphuma kwe-Album yakhe. Into enhle iyanconywa, ubashaye emakhanda umfoka Manqele ngesikhangiso se Album yakhe “CD Cover” kule album yakhe. … Read more

Mnumnzane Jan Smith

Bakhihla esikaNandi abalandeli kanye namaciko emculo wesintu uMaskandi ngokuwa kwesihlahla esikhulu umnumnzane Jan Smith. UJan amagalelo akhe kulomculo ajule kakhulu futhi waziwa ngisho uhlanya lomculo wesintu. UJan Smithi ubengumnikazi wendawo yokuqopha lapho kuqopha khona amaciko kaMaskandi. Maningi amaciko aphume ngaphansi kwesandla sakhe esebenza ngaphansi kweStudio esibizwa ngokuthi yiTakk Studios okuyila bezidlana khona imilala, ziphekwe zithulelwe … Read more

UGadla Nxumalo – Google

Abantu bahlale bekhalaza ngezinhlaka zikahulumeni ezingawenzi umsebenzi wazo okumele bewenzele izakhamuzi. Lokhu ke akumangazi ngoba phela umsebenzi wakhe uhulumeni ukuhlangabeza abantu ngezidingonqangi zabo futhi nguye osuke ebathembise lokho uma kukhankaselwa ukuvota. Ziningi izikhalo abantu abahlale benazo bekhala ngokugqoza kwezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi okubi ke ukuthi isikhathi esiningi ukukhala kwabo kuwela edwaleni njengoba bengathathelwa phezulu uma bekhala. … Read more