UGadla Nxumalo – Google
Abantu bahlale bekhalaza ngezinhlaka zikahulumeni ezingawenzi umsebenzi wazo okumele bewenzele izakhamuzi. Lokhu ke akumangazi ngoba phela umsebenzi wakhe uhulumeni ukuhlangabeza abantu ngezidingonqangi zabo futhi nguye osuke ebathembise lokho uma kukhankaselwa ukuvota. Ziningi izikhalo abantu abahlale benazo bekhala ngokugqoza kwezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi okubi ke ukuthi isikhathi esiningi ukukhala kwabo kuwela edwaleni njengoba bengathathelwa phezulu uma bekhala. … Read more