UMjikelo Ntofontofo – Umlilo

Seliphinde lana layidliva endimeni womculo wesintu obizwa ngoMaskanda, sikhuluma nje lenile futhi namathole ayatshakadula emaqeleni kwazise adla uhlaza. Umfana uNtofontofo ukhiphe umsebenzi wakhe obizwa esihloko sithi Umlilo “https://youtu.be/DD-NoYJyb_s?si=v_5GqvtEjV647OBu” kanti nabantu bakhombisa ukuwuthakasela kakhulu. Lomsebenzi uphuma nje sekuyisikhathi sawo amaciko vele ukuthi asike kweli nonile njengoba kuza amaholidi ePhasika okuyila khona ngokujwayelekile ekhipha khona amacwecwe awo. … Read more

Dumakahle

Akekho noyedwa nje umuntu olandela nothanda umculo wesintu ongamazi uMaphathefika odume kakhulu ngokuqinisa ipeni uma ebhala ingoma. Phela uDumakahle udume kakhulu ngengoma enomlayezo okuyikhona okwamakhela kakhulu ugazi ebantwini kanye nabalandeli balomculo. Into eyenze leliciko lithandwe kakhulu abantu isigqi sakhe kanye nezingoma zakhe ezibhalwe ngalendlela enobuciko kakhulu kanti futhi akasiyena umuntu otheza izingoma zamanye amaciko azenze … Read more

Igila izimanga iParis kaMthandeni noLwah Ndlunkulu

Iyaqhubeka nokugila izimanga ingoma kaMthandeni Manqele noLwah Ndlunkulu ethi i-Paris elokhu iqhubeke njalo ngokuhamba phambili emculweni. “https://youtu.be/VBZzRoYx4dg?si=IG5TKV_ym_G7UldG” Ziningi kakhulu izingoma esezike zaba sezingeni lomhlaba futhi zathakaselwa abantu abaningi endimeni kaMaskandi kanye nakwezinye izinhlaka zomculo, kepha ayikho esafike kulesigaba esifike kusona iParis. Phela lengoma ngisho nangonyaka ophelile iyona ebihamba phambili ngokuthakaselwa abantu befuna kube iyona nehlukanisa … Read more

UMongameli wamaBhinca uNgizwe nezombusazwe

Odume ngelokuba umongameli wamabhinca ungene uphakathi shi uNgizwe Mchunu kwezombusazwe, phela kuyinto engajwayelekile ukuthi abantu bakaMaskanda bangenge shiqe baze bavele ngekhala kwezombusazwe. Siyazi ukuthi ubaba uShobeni Khuzwayo nguyena okulomculo oke wavela kwezombusazwe waze waba ikhansela lendawo. Kepha okuka Macingwane kuthuse abaningi, akusikhona ukuthi ungene kwezombusazwe okuthuse abaningi. Kepha okumangaze abantu ikhona ukuthi ungene wabe esebhekana … Read more

Maskandi: Umculo womdabu WaseNingizimu Afrika

Maskandi uhlbo lomculo wesintu esisungulwe eNingizimu Afrika, esifundeni sakwaZulu. Lo mculo uhlanganisa izinhlobo ezahlukene zezinsimbi ezenza ubenesigqi esihambelana nomlayezo wengoma esuke idlalwa iciko eliyiqophile. Uma nje sikhuluma ngalomculo, sisuke sikhuluma ngomculo ohambelana namasiko esintu akwaZulu futhi uncike kakhulu ezigamekweni kanye nezinto ezenzeka mihla namalanga ezimpilweni zabantu, bese kuthi amaciko wona ahlube udlubu ekhasini esenaba ngazo … Read more

Izingane ZoMama

Noma umculo kaMaskandi kungumculo okuvelele kakhulu kuwona abantu besilisa kodwa inkulu indima edlalwa nayimbokodo kule ndima yalomculo. Maningi ke amaqembu aloluhlobo lomculo la othola khona ukuthi kuhamba phambili abesimame lapho singabala Izingane Zoma, Imithente, Buselaphi Gxowa, Izintombi zikaMjaphani njalonjalo. Lapha ke sibhunga ngeqembu elidume umhlaba wonke eliholwa yimbokodo elibizwa ngokuthi Izingane Zomama. Iqembu Izingane Zoma … Read more

Dlubheke Khuzwayo

Kweminye imizi lento yomculo kaMaskandi iphilwa iwona wonke umuntu egcekeni kusuka kubaba womuzi kuze kuye nasezinganeni. UShobeni Khuzwayo weZingane Zoma ngomunye wamaciko anenhlanhla yokuthi uMaskandi awuphilwa uyena kuphela kepha uphilwa nayizingane zakhe uDlubheke noFalabo Khuzwayo abaziwa kakhulu kulomculo. UDlubheke indodana kaShobeni Khuzwayo kanti umculo uwuqale ewufundiswa ubaba wakhe ngoba phela ubaba wakhe unamaqembu Izingane Zoma … Read more

Imithente

Noma ngabe ubani okhuluma ngeqhaza nendima edlalwe abesimame emculweni wesintu ikakhulukazi kaMaskandi ngeke angalibaluli igama leqembu iMithente ehlaba isamila. Phela ngelinye lamaqembu amadala kulendima yomculo kanti futhi ngamanye amaqembu angamavulandlela kubantu besimame abafisa ukuba yingxenye yalomculo. Igama elithi uMthente lisho utshani obumila ehlane obuhlaba busebuncane obungakwazi ukudliwa amazinyane nezimbuzi ngenxa yokuhlaba kwayo. Kanti ke lokhu … Read more

Kwakhe Mgqumeni Khumalo

Uma kukhulunywa ngomculo wesintu ikakhulukazi umculo kaMaskandi kusuke kukhulunywa ngoKhulekani Kwakhe Khumalo sesisho iBhova likaMaskandi. Akekho umuntu owazi ngomculo kaMaskandi ongalazi igama likaMgqumeni Khumalo. Noma ngabe inini uma kukhulunywa ngengqwele yalomculo igama lakhe lihamba phambili futhi nakhona kufanele ngoba ubugagu bekuyinto yakhe, iphimbo lokucula ephiwe lona, ngisho nokubhala izingoma imbala ubezihambela yedwa nje. Namanje singakusho … Read more

Thokozani Langa

UThokozani Langa odume kakhulu ngelikaSomnandi endimeni yomculo wesintu, uMaskandi/uMbhaqanga uzalwe ngomhlaka 09 Februwari 1972. USomnandi uzalelwe eMahlabathi bude buduze neDolobha uLundi, Kwa-Zulu Natal, eNingizimu Afrika. UThokozani Langa ukhiphe icwecwe lakhe lesithathu ngaphansi kwenkampani yakwa Bula ngonyaka ka-2004, kanti ke isihloko sale-album sasithi i-Protection Order. Maningi ke ama-album amenze wathandwa abalandeli bakaMaskandi futhi amenza wavelela nasemsakazweni … Read more