
Seliphinde lana layidliva endimeni womculo wesintu obizwa ngoMaskanda, sikhuluma nje lenile futhi namathole ayatshakadula emaqeleni kwazise adla uhlaza. Umfana uNtofontofo ukhiphe umsebenzi wakhe obizwa esihloko sithi Umlilo “https://youtu.be/DD-NoYJyb_s?si=v_5GqvtEjV647OBu” kanti nabantu bakhombisa ukuwuthakasela kakhulu. Lomsebenzi uphuma nje sekuyisikhathi sawo amaciko vele ukuthi asike kweli nonile njengoba kuza amaholidi ePhasika okuyila khona ngokujwayelekile ekhipha khona amacwecwe awo.
Le album kubukeka abalandeli bomculo beyithakasela kakhulu kanti futhi iwu ndabamlonyeni kubantu, ngisho nasezinkundleni zokuxhumana abawuvali umlomo ngayo. Phela esikhathini samanje abantu umculo bawuthenga kakhulu “Online” njengoba sebebancane kakhulu abantu abasathenga umculo wama CD kanye namakhasethe ngakho njalo ukushintsha kwezinto. Kuhle nakho ukuthi leliciko lilikhuphulile igama lalo futhi nomsebenzi unesigqi. Kanti nakho ukuthandwa kakhulu abalandeli bomculo ezinkundleni zokuxhumana ezifana no Facebook, Ticktock kanye nawo YouTube kunika abaculi ithuba lokuthi bakwazi ukukhangisa ngomsebenzi wabo baphinde bahlomule ngawo.
Okuqaphelekayo nje ngale album ukuthi maningi amanoni kuyona futhi abantu bazithanda ngokwehlukana kwazo izingoma. Ingoba ehamba phambili ngokuthandwa abantu iyona lena ethi Amagwala la akazihola khona noMavili, lengoba ingenile impela kubantu futhi inesigqi kakhulu. Sikhuluma nje ku YouTube isilalelwe abantu abangu 53 552 ezinsukwini ezinhlanu nje kuphume album. Lokhu akusiyo into encane futhi into okumele ibungazwe ngoba akusiyona into elula. Phela akusa jwayelekile ukuthi ingoma yehawu ithandwe kakhulu abantu emculweni kaMaskandi njengoba abantu sebethakasela kakhulu izingoma zothando nokuteketisana kepha lena ishisa izikhotha.
Zikhona ke nezinye izingoma kule album ezithandwa kakhulu abantu, singabala esihloko sithi Basibizile, Bayasithakatha, Ngisukumele akahamba kuyo noDumakahle kanye necwecwe elithi Umlilo okuyisihloko se album yona ke esilalelwe abantu abangaphezu kuka 44 000 enkundleni YouTube. Njengoba le album yenza kahle kanje isenezinsuku ezingaphansi nje kwesonto iphumile kungenzeka igcina ishaya igolide ukudayiswa kwayo ngoba ithakaselwe kakhulu. Kanti ke kubalulekile nakho ukuthi abalandeli balomkhakha beqhubeke nokweseka amaciko asafufusa futhi akhulayo anekhono elihle ukuze ezokwazi ukukhula emculweni. Futhi angacini lapho kepha nomsebenzi wabo ngokwezimali ukhule khona kuzobonakala umehluko ezimpilweni zabo.