Maskandi: Umculo womdabu WaseNingizimu Afrika

Maskandi uhlbo lomculo wesintu esisungulwe eNingizimu Afrika, esifundeni sakwaZulu. Lo mculo uhlanganisa izinhlobo ezahlukene zezinsimbi ezenza ubenesigqi esihambelana nomlayezo wengoma esuke idlalwa iciko eliyiqophile. Uma nje sikhuluma ngalomculo, sisuke sikhuluma ngomculo ohambelana namasiko esintu akwaZulu futhi uncike kakhulu ezigamekweni kanye nezinto ezenzeka mihla namalanga ezimpilweni zabantu, bese kuthi amaciko wona ahlube udlubu ekhasini esenaba ngazo lezo zigameko kepha esho ngephimbo lawo. Imvamisa, umculi kaMaskandi ubhala ingoma ngesihloko esithile bese egxila kusona leso sihloko, ingoma iqala ngesigqi esiphansi bese iya ngokuya inyuka. Kulokhu usuke usukwazi ukuhlukanisa umuzwa iciko elisuke likuwona ngenkathi lisho phezulu ngengila.

Abaculi baMaskandi bavame ukuba ngamaciko axoxa izindaba zabo ngomculo, besebenzisa izithombe nezingqikithi ezivela empilweni yansuku zonke yabantu baseNingizimu Afrika. Izingoma zihlala zinomlayezo ozwakalayo futhi zibonisa ukuphila kwamasiko, ukuziqhenya kwamasiko, kanye nezinselelo zomphakathi eziqondene nalezi zingxoxo. Ngalendlela, uMaskandi ukwazi ukugcina isikhundla sawo sibalulekile emculweni waseNingizimu Afrika, isabalalisa amakhono namaciko ayo ezingeni lomhlaba.

Isiko lomculo kaMaskandi liyaqhubeka nokukhula futhi unyaka nonyaka kuvela amaciko amasha angamavukane eza nokusha futhi nabantu bawathakasela kakhulu amaciko amasha ngoba ayazimisela kanti izingoma zawo eziningi kuba ezesimanje. Izithombe eziveza okwenzekayo “videos” aveza ubuciko kanye nobugagu bamaciko ngokwehlukana kwawo. Kuzokhumbuleka ukuthi imsakazo iyona ebinedumela kakhulu kubantu phambilini kepha manje umabonakude ngathi iwona abantu asebencike kuwona kakhulu. Lokhu ikhona ke okukhulise kakhulu amaciko omculo wesintu ngoba aseyakwazi nokushicilela umsebenzi wawo kubantu abaningi abasuke belangazelele ukubona amaciko abo abawathandayo. Maningi kakhulu amaciko omculo wesintu adume athandwa ngabantu ngokwehlukana kwawo, uma ungumculi kaMaskandi, abantu abakuthandeli nje kuphela ubugagu bakho, kepha abanye abalandeli basuke sebethanda nje isiqu sakho njengomculo. UMgqumeni nje ngomunye wamaciko alomculo okuthe ngisho esedlulile emhlabeni kepha abantu baqhubeka nokuthakasela umculo wakho. Njalo igama lakhe lihlale lisematheni kubantu. Umculo kaMaskandi ungezinye zezindlela zokuvikela amasiko akithi futhi aphinde asabalale kubantu, uma ne kudlala ingoma kaMaskandi, akekho ongazi ukuthi loyo umculo wakwaZulu futhi ohambelana namasiko, lokho kusho ukuthi isintu sethu siyakhula futhi sisabalulekile kubantu.

Umlando KaMaskandi

Umlando kaMaskandi uhambisana nemvelaphi yesintu kanye nakho ukuthuthuka kwezinto ezithinta amasiko. Uma nje sibheka emumva sizokhumbula ukuthi bekuvele kuhlatshelelwa ngoba ubugagu yinto yethu. Uma nje abantu behlangene ngesihle noma ngabe umcimbi noma umkhosi othile, bekuculwa nje. Okuthe ukuhluka ngomculo kaMaskandi ukuthi ke kuwona kufakwe izinsimbi ezithile lokho okwenza lomculo uhluke kweminye imiculo yesintu. Imvunge, Isicathamiya, kanye nezingoma zamahubo ngezinye izinhlaka zomculo wesintu lezo ezicishe zifane noMaskandi bese kuhluka ngokuthi kuMaskandi kukhala izinsimbi nemfengwana. Umculo wesintu oyela ngakuMaskandi iwona uMbaqanga lo kepha wona uhluke kancane ngoba isigqi sawo sishesha kakhulu kanti futhi wona abantu bawuthakasela ngokuthi badlalise izinyawo ngokudansa esikhundleni sokugida noma ukusina.

Umlando kaMaskandi uqale ngesikhathi sabasebenzi ababengamaZulu ababesebenza emasimini abelungu kanye nasezimayini eminyakeni yama-1960 eNingizimu Afrika. Abaculi babegqoka izingubo zesintu futhi benza umculo onemicu eyisigqi sikaMaskandi. Ezimayini babecula nomculo obizwa ngokuthi yi “Gumboots dance” nawo owuhlobo oluthile lomculo wesintu kepha ke indlela obhalwa ngayo, noculwa ngayo ihlukile kuMaskandi. Into eyenza uMaskandi uhluke kakhulu ukuthi ubugagu beciko bulele ekutheni libhala liphinde licule ingoma enone kangakanani. Ngisho amaciko encokola nje ewodwana aqhudelana ngakho ukuthi ubani ocula kangcono kunomunye futhi ngayiphi indlela yokucula. Kanti kwi Gumboots dance isigqi sisezinyaweni nasezandleni okwenza kuhluke kuMaskandi.

Ukuthuthuka kukaMaskandi

Njengomculo ophilayo, Maskandi ukhule kanye nezinguquko ezweni. Ushintshile, wathatha izici zesimanje kodwa wagcina isisekelo sesintu. Idlalwa kabanzi ngezinsimbi zomculo ezifana isigingci, futhi isitayela sawo saletha okwehlukile emculweni wendabuko. Indlela a, axoxe indaba ayiqede engomeni ngayodwana futhi kuba izihloko ezithakaselwa abantu kanye nezisematheni. Lana sikhuluma ngezindaba zothando, ezenhlalakahle, ezombusazwe ngisho nangesimo sempilo nje. Inkulu kakhulu indima edlalwa amaciko alomculo ukuwuthuthukisa usabalale. Izinkakha ezifana no-Phuzushukela kanye no-Nganeziyamfisa baziwa njengezinsika zalo mculo. Ukudlondlobala kwabo kuhambisana nokuzigqaja kwabo ngesiko labo kanye nekhono elihle lokudlala izinsimbi. Abaculi basungule izindlela ezintsha zokuxhumana nabalandeli babo, okubaluleke kakhulu ekukhuleni komculo waseNingizimu Afrika.

Uhluke ngani umculo kaMaskandi?

Maskandi umculo wendabuko othandwa kakhulu eNingizimu Afrika, futhi uzinze kakhulu ezici ezintathu: umculo nezinsimbi zakhona, imvunulo nezimpawu, kanye nolimi lwawo oluyingqayizivele. Akukuningi kakhulu okwenza umculo kaMaskandi uhluke kweminye yesintu, kwezinye zezinto ezenza uhluke kuba isigqi sengoma, izinsimbi zakhona, kanye neminye imisindo yakhona eyenza izingoma zibemnandi. Phela amaciko afaka ngisho imsindo yemvelo ukuze zibemnandi izingoma. Uzwa kukhala izinyoni, kuhuba iziziba, kuvunguza umoya, kuduma ngisho nezulu kwezinye izingoma zalomculo. Lokhu kusho khona ukuthi buningi ubuciko obudingakala kumuntu oyiciko lalomculo. Umculo weMaskandi unohlu lwensimbi eziyisisekelo ezenza umsindosawo sibe yingqayizivele. Izinsimbi ezisetshenziswa kakhulu zifaka:

  • Isigingci: Saziwa ngokuthi igitare lesiZulu, isigingci sisetshenziswa njengensimbi eyinhloko kuMaskandi.
  • Isitolotolo: Umsindo waso uwuphawu olubalulekile kulo mculo.
  • Ikhwela: Lensimbi yokuvuthela idlala indima ebalulekile ekwakheni umsindo oyingqayizivele kaMaskandi.
  • Inkositina, Imvengwano, icilongo, nokunye njalonjalo.

Imvunulo nezimpawu

Imvunulo yabaculi bakaMaskandi isho lukhulu kubanikazi babo:

  • Amabheshu: Lawa ngamabhulukwe esintu aseZulwini, avame ukuba semfashinini yabaculi.
  • Izicathulo: Izicathulo zemvelo, njengezimbadada.
  • Izinduku nezihlangu: Zisetshenziswa njengezimpawu ezibonakalayo zamasiko namaqhawe esiZulu.

Ulimi lukaMaskandi

Ulimi olusetshenziswayo kuMaskandi lubalulekile ekudluliseni umyalezo wezingoma zabo:

  • Izibongo nezaga: Zisetshenziswa kakhulu ngabaculi ukuhlonipha nokudumisa.
  • Ukuhlonipha: Ulimi luqukethe ukusetshenziswa kolimi oluhloniphekile nokugwema ukulimaza abalaleli ngezinkulumo ezingafanele.

Kuzo zonke lezi zingxenye, Maskandi unesakhiwo esijulile, esinomqondo nokuziqhenya kwamasiko esiZulu. Umculo we-Maskandi uchume njengeqhaza elibalulekile emiphakathini yaseNingizimu Afrika, ukukhuthaza ukuxhumana phakathi kwezombusazwe, umnotho, kanye namasiko. Umculo kaMaskandi ubaluleke kakhulu ekuphileni kwabantu base Ningizimu Afrika. Ukudlala nokulalela uMaskandi kuvame ukwenzeka emicimbini emikhulu kanye nakwimigubho nemikhosi yakithi, kusiza ukudala ubunye kanye nomoya wokubambisana. Lokhu kuphinde kugqugquzele ukuxhumana nokwabelana ngamava phakathi kwabantu bamasiko ahlukene.

Izihlabo zikaMaskandi

Umculo kaMaskandi udlala indima enkulu ekugcineni naseku qhakambiseni amaciko akithi, phela lomculo uhambisana kakhulu nokugcinwa komlande wakwethu kwaZulu. Izinkondlo namagama atholakala ezingomeni acebe kakhulu futhi afundisa ngamasiko nangakho ukugcina ulimi lwakaZulu nezinye izilimi zomdabu. Noma lomculo udabuka emakhaya kepha nabahlala esilungwini bayawuthakasela kakhulu. Lomculo futhi udlala enkulu indima le ukuthuthukisa izimpilo zabantu. Angithi amaciko ayahlomula ngisho namabhizinisi amancane ayathuthuka ngenxa yawo. UMaskandi inikeza amandla ekukhuleni kwamabhizinisi amancane, ikakhulukazi lawo aphathelene nomculo nokuzijabulisa. Abaculi nezinkampani zokuqopha bakha amathuba emisebenzi, begqugquzela ukuthuthukiswa kwezomnotho kanye nokuzimela kwezimali kubantu. Le ndawo yomculo iphinde ithuthukise impilo yomphakathi ngokukhuthaza imiyalezo yokugcinwa kwempilo nezokuziphatha okuhle.

Imidlalo kaMaskandi

Imidlalo kaMaskandi mningi kakhulu futhi ihlukene kakhulu. Angithi nje uma kunehlahla lengoma ushameni kuvunywa zona izingoma zikaMaskandi, ngisho kubuswa emakhaya kudlalwa zona izingoma zalomculo. Ezigabeni zakulo mculo, amakhonsathi nezigcawu zemigubho ziyindlela yokubungaza umculo kaMaskandi futhi ziwumthombo wokuzijabulisa nokufundisa. Imigubho ihlanganisa abaculi abadumile nabathandi womculo kaMaskandi, ilondoloza futhi ikhuthaza amasiko nezilimi zendabuko.

  • Amakhonsathi: Abaculi baMaskandi bahlanganisa umphakathi ngezinhlelo ezigoqele amakhonsathi akhulu lapho benza khona imisebenzi yabo ebukhoma.
  • Imigubho: Izehlakalo ezifana nezinsuku zokubungaza isiko zendabuko namahholide kazwelonke zikhonjiswa ngemigubho yeMaskandi enemibukiso yamaculo nomdanso wendabuko.
Kulomculo asigcini nje ngemikhosi yakhona kepha kukhona nemncintiswano kanye nemiklomelo la ezisuke ziqhudelana khona. Imincintiswano kaMaskandi ingumdlalo okuvumelekile, okuvuselela ukuncintisana okunempilo phakathi kwabaculi, kuyilapho imiklomelo igqugquzela ubuciko nokudala emkhakheni womculo.
  • Imincintiswano: Kusho ukuphikisana okunabaculi bahlukene abamele izigodi noma izifunda zabo, bekhombisa ubuciko bazo emculweni namazwi.
  • Imiklomelo: Amanxusa nabagqugquzeli bayashayelwa ihlombe bese bekethiswa ngemiklomelo efana nezindondo nezitifiketi ukugcizelela impumelelo nokugqugquzela ukuzinikela ekusebenzeni kanzima.

Ukufaka izinto Ezintsha

Isigaba somculo we-Maskandi sibonakala siqhubeka nokuhlomisa uhlobo lomculo ngokufaka izinto ezintsha. Lokhu kuhlanganisa ukuxubana kwamathonya amaningi avela emhlabeni jikelele, okwenza lolu hlobo lomculo lukhule futhi luhlale luyintandokazi yabantu abaningi. Isibonelo, umculi ofana no-Khuthuza usebenzisa izinsimbi zesimanje nezinkondlo ezingokomoya ekwakhekeni komculo wakhe, okumnika umsindo ohlukile.

Ukuthuthuka komculo kaMaskandi

Kusuka kusungulwe izindlela zesimanje zokucxhumana, lomculo usuthuthuke kakhulu, lokhu sekusabalalise kakhulu abantu abathanda lomculo. Sebebaningi abantu asebetshengise ugqozi ngalomculo njengoba abaculi sebenzisa izindlela zokukhangisa ezinobuchwepheshe besimanje. Imisakazo yomphakathi efana no-YouTube ziyindawo lapho umculo ungatholakala khona kalula futhi zivumela abaculi ukuba bafinyelele abalandeli emhlabeni wonke. Amavidiyo, afana nalawo akwa-Mgqashiyo Ndlovu, anikeza abathandi bomculo ithuba lokuzwa izinoni ezintsha nokuhlola izitayela ezisanda kuvumbulwa zomculo we-Maskandi. UMaskandi umculo ongumbukiso obalulekile wamasiko esiZulu. Lona umculo ophethe izigqi zendabuko kanye namazwi akhuluma ngezindaba zabantu bemihlaba yasemakhaya, uthando, izinkinga, kanye nemibango yansuku zonke. Njengoba ubuciko bungaguquka ngokuhamba kwesikhathi, kunokukhula okubonakalayo kumaskandi oya ngokuya ufaka izithako zesimanje emculweni, okwenza ube nobuntu obuhlanganisa isikhathi esedlule nesimanjemanje. Lomculo uhlala uqhubeka nokusabalalisa amasiko esiZulu ngokusebenzisa ulimi lwesiZulu olunothile futhi oluhlukahlukene emazwini alo. Ushintsho emculweni lukhombisa ukuthi maskandi awusilo nje umculo wendabuko kodwa futhi uhlobo oluthuthuke ngokuhamba kwezikhathi, olubonisa impilo yamanje yamaZulu. Umculo kamaskandi uhambisana nokuthuthuka komphakathi kanye nokukhula kobuchwepheshe. Izindlela ezintsha zokukhiqiza umculo emhlabeni wonke kuthinte indlela maskandi okhiqizwa ngayo, okuyilapho kugcinwa umnyombo wawo wendabuko. Inkambiso ebanzi iqhubeka nokukhulisa umculo kamaskandi njengoba kubonakala ngokwamukelwa kwawo kubantu abaningi kanye nokusakazwa emsakazweni nakumabonakude aziwayo. Lokhu kukhombisa ukuthi maskandi uqhubeka nokwakha indawo yako enkulu emkhakheni wemculo yaseNingizimu Afrika kanye nakwamanye amazwe.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment