Izinhlaka/Izinsimbi zika Maskandi

Umculo kamaskandi unezinhlaka ezenza kuphume inoni leli elisuke lizojabulelwa abantu, noma nje sithi izinhlaka ezenza ingoma noma iculo lelo kube iculo eliphelele ngoba phela ingoma akusikhona nje ukucula kuphela kodwa kuhambisana nezinsimbi zakhona eziyizinhlaka zayo. Kuleli khasi ke sidingida zona izinhlaka “Instrumentation” ezisetshenziswa ukwakha ingoma. Ngaphambi nje kokuba kwakhiwe ingoma kunento ebizwa ngokuthu ushuni “tune” okuyiwona ozisholoyo ukuthi iziphi izinsimbi ezizosetshenziswa ukwakha iculo. Amaciko ngokuhlukahlukana kwawo asebenzisa oshuni abangafani kodwa ke ushuni odume kakhulu nje nesingathi uhamba phambilu emculweni kamaskandi ilona kaMgqumeni ngoba phela maningi amaciko awusebenzisayo. Lana sibala uMdumazi, Mthandeni, Dlubheke, Mgqilazi nabanye abaningi.

Uma ulalele umaskandi nazi ke izinhlaka zengoma noma izinsimbi ezizwakala khona. Eyokuqala nje kuba inkositini “concertina. Inkositina iyona ebuye isho ukuthi isigqi sengoma sizohamba kanjani izoshesha noma izohamba kancane. Kulandele isiginci “Acoustic Guitar” naso ke esidlala indima enkulu uma kuhlanganiswa ingoma, zonke izinsimbi engomeni kumele zihambisane ngqo nesiginci zihlangane naso ukuze kuphume ulozolo. Isigingci isona ke esinzima impela ukusifunda kanti ke ingoma yeciko thizeni uyizwa nje ngesigingci ukuthi lena ke iculwa ubani. Izingoma zeBhova uzizwa sikhala nje isigingci ukuthi nguye ozocula, njengoba nakuGcwensa wawuzwa ngeKeyboard ukuthi kungena ingoma yakhe.

Kulandela uBhesi lona bizwa ngokuthi “Bass Guitar” kanti wona ke unedumela kakhulu ikakhulukazi uma kuthiwa abaculi bacula bukhoma “Live perfomance”. Bese kuba ke amaDrum nawo asetshenziswa uma kwakhiwa ingoma. Uma kwakhiwa ingoma kuphinde kube khona abacula indlela yesibili noma abavuma ingoma “backing vocalists” lapha ke kukhulunywa ngabantu abenza ingoma ibe mnandi futhi ibenesigqi. UMroza Fakude uyena mculi ovunywe kakhulu ke ngokucula lendlela yebacking vocalist.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment