Iwuchithile umuthi inkonyane kwaManqele, liphumile icwecwe leGcokama Elisha elisihloko esithi Amavolovolo. Leli cwecwe liphume ngomhlaka 02 Disemba 2021 belilindelwe ukuthi lizophuma gomhlaka 04 Disemba 2021 kule nyanga wabe esememezela emsakazweni uKhozi Fm uMthandeni ukuthi selushintshile usuku lokuphuma kwe-Album yakhe. Into enhle iyanconywa, ubashaye emakhanda umfoka Manqele ngesikhangiso se Album yakhe “CD Cover” kule album yakhe. Le CD cover uma iqhathaniswa namanye akhishwe amanye amaciko inhle iqedile futhi kuyabonakala nje ukuthi yenziwe ngobukhulu ubunono lobu futhi nethimba ebeliyenza liyawazi umsebenzi walo alifuniseli. UMaskandi lona umdlalo wezinsizwa kanti zihlezi zincweka zichomelana. Lento yama CD cover iyona eyenza idumela ngaphambi nje kokuthi kuze kuphume leyo album ezokhishwa. Ngisho ezinkundleni zokuxhumana kusabalala wona okuthi uma iyinhle kakhulu abantu belangazelele ukuzwa ukuthi yona ingoma izobe injani ephakathi.


Ukuphuma kwale album yakhe umfoka Manqele kuqondane kahle nokuthi izwe alikavalwa “lockdown” ngenxa yezinamba okubikwa ukuthi zinyuka kakhulu zabantu abakhungathwe isifo sika Khuvethe. Phela kuzokhumbuleka ukuthi iLockdown iwalimaze kakhulu amaciko omculo wesintu ngenxa yokuthi ibesasalele ngemuva kulento yoku sabalalisa umculo wabo ngesimanje “digital music”. Esinye isizathu ukuthi abalandeli abaningi balo mculo abantu besintu futhi basemakhaya abasakholelwa kakhulu ekuthengeni amaCD babe nawo ngoba phela enye yezinto ebenza babone ngampela ukuthi cha balandela muphi umculi ngokuthi babe nama CD kanye namakhasethi alawo maciko.