Igila izimanga iParis kaMthandeni noLwah Ndlunkulu

Iyaqhubeka nokugila izimanga ingoma kaMthandeni Manqele noLwah Ndlunkulu ethi i-Paris elokhu iqhubeke njalo ngokuhamba phambili emculweni. “https://youtu.be/VBZzRoYx4dg?si=IG5TKV_ym_G7UldG” Ziningi kakhulu izingoma esezike zaba sezingeni lomhlaba futhi zathakaselwa abantu abaningi endimeni kaMaskandi kanye nakwezinye izinhlaka zomculo, kepha ayikho esafike kulesigaba esifike kusona iParis. Phela lengoma ngisho nangonyaka ophelile iyona ebihamba phambili ngokuthakaselwa abantu befuna kube iyona nehlukanisa … Read more

Igcokama Elisha: Amavolovolo

Iwuchithile umuthi inkonyane kwaManqele, liphumile icwecwe leGcokama Elisha elisihloko esithi Amavolovolo. Leli cwecwe liphume ngomhlaka 02 Disemba 2021 belilindelwe ukuthi lizophuma gomhlaka 04 Disemba 2021 kule nyanga wabe esememezela emsakazweni uKhozi Fm uMthandeni ukuthi selushintshile usuku lokuphuma kwe-Album yakhe. Into enhle iyanconywa, ubashaye emakhanda umfoka Manqele ngesikhangiso se Album yakhe “CD Cover” kule album yakhe. … Read more