Igila izimanga iParis kaMthandeni noLwah Ndlunkulu

Iyaqhubeka nokugila izimanga ingoma kaMthandeni Manqele noLwah Ndlunkulu ethi i-Paris elokhu iqhubeke njalo ngokuhamba phambili emculweni. “https://youtu.be/VBZzRoYx4dg?si=IG5TKV_ym_G7UldG” Ziningi kakhulu izingoma esezike zaba sezingeni lomhlaba futhi zathakaselwa abantu abaningi endimeni kaMaskandi kanye nakwezinye izinhlaka zomculo, kepha ayikho esafike kulesigaba esifike kusona iParis. Phela lengoma ngisho nangonyaka ophelile iyona ebihamba phambili ngokuthakaselwa abantu befuna kube iyona nehlukanisa unyaka. Noma ke lokho kugcine kungenzekanga kodwa yona ingoma iqhubekile nedumela layo. Kuningi eqophe ngakho umlando lengoma, kwaba ingoma yokuqala yomculo wesintu futhi kaMaskandi ukufikenyelela nje ke “10 Million views” ku Youtube emva nje kwezinyangana ezimbalwa iphumile. Nakhu ke futhi namanje isiphinde yaqopha umlando ngokuba ingoba yokuqala ngqa emlandweni walomculo ukuthi ifike ku “20 Million views” lokhu okuyinto engakaze yenzeke nhlobo futhi nje kwasakhona emlandweni womculo wakithi.

Into eyenza lengoma ibe mnandi kakhulu futhi abantu bayithakasele ukuthi ihlanganise abantu abacula izinhlobo ezahlukene zomculo bahlangana bakhipha ulozolo lwento ejatshulelwe abadala ngisho nabo abancane. Emculweni kaMaskandi uMthandeni nje uthandiswa okukashukela impela futhi akaconsi phansi, uthandwa amajongo, athandwe izintombi aze athandwe ngisho abantu abathanda ingqephu ngenxa yendlela nje akayiyona. Phela lona umculo la zidlana khona imilala ngayo yonke into. Ukucula kahle kukodwa nje akwanele uma ungumculi kaMaskandi, kumele ngisho indlela oncokola ngayo, ubunsizwa bakho ngisho nokuzithemba kwakho kubonakala ukuze abantu bakuzwe emakhaleni. Naye ke uLwah abantu bamthanda kakhulu kanti unesiphilo esihle sokucula. Lokhu ikhona okwenza ukuthi lamaciko uma ehlangana evele ekhiphe ingoma eshisa izikhotha ejatshulelwa ngisho nawuhlanya.

Umculo kaMaskandi ucishe ufane nanoma iluphi uhlobo lomculo, namanye amaciko awazibekile phansi futhi nawo ayaziqhakambisa amandla awo uma kuza ngasebucikweni. Kodwa sekungabe ukumudlela umona umfokaManqele uma singathi ingoma yakhe ayisiyona “iHit song”. Lengoma idlalwa ngisho emishadweni kanye nasezindaweni zobumnandi ezihlanganisa zonke izinhlobo zabantu ngisho nabangekho ngaleyondlela ku maskandi. Ubukhulu bengoma kaMaskandi kubonakala ngakho ukuthi yeqe umngcele kaMaskandi ize ithakaselwe ngisho abezinye izinhlanga nezizwe abangahlangani nomculo wesintu sakwaZulu. Lena ke ngenye yezingoma ethandwa izinhlanga ezahlukene. Sithi nje siyambongela umfana kaMaShandu ngale ngqophamlando. Ukuduma kwalengoma kuwuthathe kwawubeka phambili kakhulu umculo wesintu. Lokhu kusho nakho ukukhula kokuthakaselwa kwawo abantu kuma “Digital platforms” afana nabo oYouTube nokuyilapho ilalelwe khona abantu abaningi.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment