Kweminye imizi lento yomculo kaMaskandi iphilwa iwona wonke umuntu egcekeni kusuka kubaba womuzi kuze kuye nasezinganeni. UShobeni Khuzwayo weZingane Zoma ngomunye wamaciko anenhlanhla yokuthi uMaskandi awuphilwa uyena kuphela kepha uphilwa nayizingane zakhe uDlubheke noFalabo Khuzwayo abaziwa kakhulu kulomculo. UDlubheke indodana kaShobeni Khuzwayo kanti umculo uwuqale ewufundiswa ubaba wakhe ngoba phela ubaba wakhe unamaqembu Izingane Zoma kanye neZingane Amakhosi okungamaqembu kaMaskandi.
Noma uDlubheke ebenenhlanhla yokuzalwa ekhaya okuphilwa ngawo umculo wesintu kodwa nje kuhle ukusho ukuthi kulamaciko esimanje uhamba yedwa nje ngokucula, uzidlela amahlanga. UDlubheke waba umculi wokuqala ngqa ukukhipha i-album emculweni kaMaskandi eneminyaka eyishumi nanhlanu leyo-album yashaya igolide iphumile, kanti kuyona wayesizwa kakhulu uMgqumeni Khumalo ukuze ibe impumelelo.
I-albumi yokuqala kaDlubheke ithi Siqhathw’eNquthu kanti ushuni wayo wawuxube kancane isigqi seZingane Zoma bese kuba ushuni kaMgqumeni Khumalo okuyinamanje usacula wona futhi kubo bonke abantu abadlala loshuni uyena ohamba phambili. I-album kaDlubheke iphume yahlabahlosa emculweni ngoba phela abantu bazi ukuthi uma kunoMqgumeni phakathi kusho ukuthi izingoma zayo ziphekwe zavuthwa nebala ke ayiphoxanga ingakho yadayisa kakhulu nabantu bayithakasela. Kulamaciko esimanje uDlubheke uyena ohamba phambili ngomculo wakhe, ziningi izingoma akazikhiphile ezidle ubhedu singabala lena ethi “Impi yamatekisi” eyaze yasetshenziswa imboni yezokuthutha KwaZulu kugqgugquzelwa ngayo ukuthula embonini yamatekisi. Kube ilengoma ethi Amambuka ethandwa kakhulu owayengumongameli kuleli nethi Amatshitshi njalonjalo. Ziningi ke izingoma ezakhayo nezinomlayezo eziculwa uDlubheke, ezinye ezithinta ngisho ezokuphathwa kwezwe.