Dlubheke Khuzwayo

Kweminye imizi lento yomculo kaMaskandi iphilwa iwona wonke umuntu egcekeni kusuka kubaba womuzi kuze kuye nasezinganeni. UShobeni Khuzwayo weZingane Zoma ngomunye wamaciko anenhlanhla yokuthi uMaskandi awuphilwa uyena kuphela kepha uphilwa nayizingane zakhe uDlubheke noFalabo Khuzwayo abaziwa kakhulu kulomculo. UDlubheke indodana kaShobeni Khuzwayo kanti umculo uwuqale ewufundiswa ubaba wakhe ngoba phela ubaba wakhe unamaqembu Izingane Zoma … Read more