Kwakhe Mgqumeni Khumalo

Uma kukhulunywa ngomculo wesintu ikakhulukazi umculo kaMaskandi kusuke kukhulunywa ngoKhulekani Kwakhe Khumalo sesisho iBhova likaMaskandi. Akekho umuntu owazi ngomculo kaMaskandi ongalazi igama likaMgqumeni Khumalo. Noma ngabe inini uma kukhulunywa ngengqwele yalomculo igama lakhe lihamba phambili futhi nakhona kufanele ngoba ubugagu bekuyinto yakhe, iphimbo lokucula ephiwe lona, ngisho nokubhala izingoma imbala ubezihambela yedwa nje. Namanje singakusho kugcwale umlomo ukuthi uMgqumeni uyena nkosi yangampela kulomculo futhi nje uyena ohambe emhlabeni ebambe iqhulu.

Ibhova likaDikadika

UMgqumeni Kwakhe iBhova likaDikadika iDlamanzi “the King of Maskandi” wazalwa ngomhlaka 03 Januwari 1981, wabe esedlula emhlabeni ngomhlaka 19 Disemba 2009, wahamba washiya izingane zakhe eziyishumi nambili. Kuzokhumbuleka ukuthi ngeminyaka yama-2000 umculo kaMaskandi ububukeleka phansi futhi kungumculo nje othandwa kakhulu ngabantu basemakhaya abaphila isintu. UMgqumeni ngelinye lamaciko asebenze kakhulu nje ukudumisa lomculo nokuthi ube lapha okhona njengamanje. Ukuphuma kwecwecwe lakhe iJukebox kwashintsha kakhulu indlela uMaskandi obukwa ngayo abantu. Lelicwecwe lagila izimanga kakhulu ngoba waze wanqoba nendondo yeBest Maskandi ngayo kumaSAMA Awards. Ziningi ke nezinye izindondo ahlabane ngazo njengawo nawo amaSATMA Awards.

Khulekani Mgqumeni Khumalo

Uma kukhulunywa ngomculo kaMaskandi akekho ongalazi igama leqhawe uKhulekani “Mgqumeni” Mseleku, obeyinkosi yamaciko kaMaskandi ngaphambi kokuba edlule emhlabeni ngonyaka wezi 2009. Leliqhawe noma selaphangalala kodwa ke lisewundaba mlonyeni kubantu abazifela ngalomculo ngenxa yamagalelo alo, kanti ke okunye okwenza lensizwa ingapheli ematheni ubuqhawe bayo njengoba ithe ngisho isidlulile emhlabeni kodwa imisebenzi yayo yaqhubeka yabonakala njengoba izinsizwa ebezicikoza naye ziqhubeke zaqhakambisa igama lakhe ziqhubeka nomsebenzi wakhe.

La sibala uMzuvukile Khanyeza, Khangelani Mhlongo kanye noNelisanu Mseleku ukubala abambalwa. Kulelikhasi siqhakambisa imisebenzi emihle yabafana ababizwa ngokuthi Abafana bakaMgqumeni okungomzala bakhe uMgqumeni abasebenza ngenkampani ebizwa ngeZebhova. Lezinsizwa amabombo beziwabhekise phesheya kwezilwandle lapho kade bemenywe ukuyodlala khona.

Lezinsizwa bezimenywe eRussia lapho bezidlala khona kwi “Ural Music Nights”, lapho abadlale khona ezindaweni ezinhlanu ezahlukene kulelizwe. Lezinsizwa ezihamba phambili ekumeleni igama leBhova uNelisani Mseleku kanye no Sakhiseni Mseleku. Kanti ke futhi sezike zahlabana ngemkomelo emningi okusho khona impela ukuthi zisayibambe kahle kulendima yomculo. Eminye yemiklomelo ezizidlele amahanga kuyo sibala Amantshontsho Maskandi Award, SATMA Awards ngaphansi kwe Best Male, kanye nama SABC Crown Awards, ukubala nje imiklomelo embalwa. Kuhle sikuveze ukuthi ngampela lezinsizwa zilimele igama lika Mgqumeni noma engasekho emhlabeni.

Akagcinanga ukuhlabana nge-album yeJukebox kuphela njengoba neMagic idayise ngaphezu kwamakhophi angu-78 000 ngenyanga eyayiphume ngayo. Maningi ke namaqembu abenawo okubalwa kuwo Amagcokama, UMgqumeni, Abakwethu, Ogezoo, IDlamanzi, Ithwasa Lami, Amaduma Amahle, uQondani, Amalanda Amhlophe, Izinsimbi kanye namanye. Endimeni yomculo ufike ngomalume wakhe uMahawukela naye obecula uMaskandi waqala kuMatshitshi Amhlophe, Ubuhle begubazi obekuyiwona amaqembu kaMahawukela ngaphambi kokuba azimele. Uma nje sibeka uhlu loMaskandi abahamba phambili uMgqumeni uyena ingqwele yabo bonke ngoba ngisho engasekho emhlabeni kodwa igama lakhe lisematheni kubantu.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment