Kwakhe Mgqumeni Khumalo
Uma kukhulunywa ngomculo wesintu ikakhulukazi umculo kaMaskandi kusuke kukhulunywa ngoKhulekani Kwakhe Khumalo sesisho iBhova likaMaskandi. Akekho umuntu owazi ngomculo kaMaskandi ongalazi igama likaMgqumeni Khumalo. Noma ngabe inini uma kukhulunywa ngengqwele yalomculo igama lakhe lihamba phambili futhi nakhona kufanele ngoba ubugagu bekuyinto yakhe, iphimbo lokucula ephiwe lona, ngisho nokubhala izingoma imbala ubezihambela yedwa nje. Namanje singakusho … Read more