Ngeke siphathe eyaseMngeni kwaMajozi singamphathi uMgqumeni ngoba phela uyincele kuye ingoma. Noma begcine sebeyinkukhu nempaka uGcwensa noMgqumeni kepha lamadoda akhulisene kakhulu emculweni wesintu. UMtshengiseni noMgqumeni basebenze ndawonye nomalumekaMgqumeni uMahawukela, okuthe noma esehambile uMahawukela basebenza bobabili eqenjini leBhova elibizwa ngokuthi Amagcokama. UMtshengiseni lona wazalwa ngomhlaka 06 Mashi 1972, endaweni yaseMsinga esigodini sakwaMajozi, KwaZulu Natali.
Njengoba sike sakubalula kancane ukuthi ukewasebenzisana neBhova, into eyaxabaxabanisa indaba yemali uGcwensa angakhokhelwanga kahle yona emuva komsebenzi wabo wokukhipha amacwecwe. Lokhu kwenza uGcwensa azimele, aphume iqembu lakhe elibizwa ngokuthi Amageza Amahle, elivula noSibongiseni Mphondi Ntombela kanye noNjencane Ngubane. Emuva kwaMageza wabe esesungula iqembu elibizwa ngeThwasa Langampela kulona wakhipha amacwecwe ayisishagalolunye.
INdidane ibiyisilomo kakhulu emculweni kaMaskandi waze waphiwa isidlaliso sokuthi “Michael Jackson waseMzansi” ngenxa yedumela lakhe. Udumo lwakhe belusuka ekutheni indlela abhala ngayo izingoma ibiyinhle kakhulu njengoba izingoma zakhe bezakha ziphinde ziduduze, ezinye zibika usizi lwakhe abhekane nalo empilweni emuva kokushiywa abazali esemncane. INdidane ibizidlela amahlanga kumqhudelwano wamaSouth African Traditional Music Awards njengoba anqoba izindondo eziyisishagololunye, kuMantshontso wahlabana ngezindondo ezine kanye nezindondo ezimbili kuMaz Herbal Awards ngaphansi kweMaz Ambassador Maskandi Award.
Eminyakeni yakhe eyishumi nesithupha endimeni yomculo kaMaskandi ukhiphe amacwecwe angamashumi amabili nanhlanu, edayisa ngaphezu kwamakhophi angu-25000 kwi-album ngayinye. Ama-album akhe ayishumi nanye enze kahle kakhulu njenge-Operation Qoqa Zonke, Iphethe Umbese, Ukhohlisa Abantu kanye nethi Ngeke Ulunge. UGcwensa uhambe emhlabeni washiya amakhosikazi amathathu kanye nezingane ezisishagalolunye.