Mtshengiseni iNdidane Gcwensa
Ngeke siphathe eyaseMngeni kwaMajozi singamphathi uMgqumeni ngoba phela uyincele kuye ingoma. Noma begcine sebeyinkukhu nempaka uGcwensa noMgqumeni kepha lamadoda akhulisene kakhulu emculweni wesintu. UMtshengiseni noMgqumeni basebenze ndawonye nomalumekaMgqumeni uMahawukela, okuthe noma esehambile uMahawukela basebenza bobabili eqenjini leBhova elibizwa ngokuthi Amagcokama. UMtshengiseni lona wazalwa ngomhlaka 06 Mashi 1972, endaweni yaseMsinga esigodini sakwaMajozi, KwaZulu Natali. Njengoba sike … Read more