Izingane ZoMama

Noma umculo kaMaskandi kungumculo okuvelele kakhulu kuwona abantu besilisa kodwa inkulu indima edlalwa nayimbokodo kule ndima yalomculo. Maningi ke amaqembu aloluhlobo lomculo la othola khona ukuthi kuhamba phambili abesimame lapho singabala Izingane Zoma, Imithente, Buselaphi Gxowa, Izintombi zikaMjaphani njalonjalo. Lapha ke sibhunga ngeqembu elidume umhlaba wonke eliholwa yimbokodo elibizwa ngokuthi Izingane Zomama.

Iqembu Izingane Zoma lisungulwe uShobeni Khuzwayo ongowokudabuka eNquthu. UShobeni Khuzwayo udume kakhulu ke endimeni yomculo wesintu. Noma inqembu lisungulwe umuntu wesilisa kepha abesimame ibona ababambe iqhaza elikhulu kulo. Njengoba kuyibo abaculo indlela yokuqala kanye neyesibili. Abasemame ababambe iqhaza lapha sibala uThandoluni Phungula, Bongekile Ngobese, kanye noTholakele Ngobese. Izingane Zoma singasho ukuthi iqembu elikhuluma kakhulu ngezinto ezenzeka emphakathini, izingoma zabo ziyakha, ziphinde zigxeke lapho okumele zigxeke khona.

Izingane Zomama music

Maningi amazwe leliqembu eselike laya kuwo, ukuyodlala ingoma singabala iKore neJapan ngonyaka k- 2002 lapho kwakudlala khona indebe yomhlaba yebhola ababemenywe khona ukuba bazonandisa. Ziningi ke nezindondo asebeke abhlabana ngazo, laphinde futhi lakhethwa kwizinhlaka ezahlukene kuyona imcimbi yokuhlomuliswa kwamaciko ngemisebenzi yawo. Kanti ke namacwewe abawakhiphile amanye awo adayise kahle impela njengoba amanye awo ethole amagolide kanye nePlatinum emuva kokukhishwa.

Iqembu leZingane Zoma liholwa uShobeni Khuzwayo kanye no Busani Khuzwayo yena oshaya isigingci. Bese kuthi indlela yokuqala neyesibili iculwe umama uThandoluni Phungula, elandelwe uTholakele Ngobese kanti omunye ongasekho emhlabeni uBongekile Ngobese naye owayebuye acule indlela yokuqala.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment