Dumakahle

Akekho noyedwa nje umuntu olandela nothanda umculo wesintu ongamazi uMaphathefika odume kakhulu ngokuqinisa ipeni uma ebhala ingoma. Phela uDumakahle udume kakhulu ngengoma enomlayezo okuyikhona okwamakhela kakhulu ugazi ebantwini kanye nabalandeli balomculo. Into eyenze leliciko lithandwe kakhulu abantu isigqi sakhe kanye nezingoma zakhe ezibhalwe ngalendlela enobuciko kakhulu kanti futhi akasiyena umuntu otheza izingoma zamanye amaciko azenze ezakhe.

Kukancane uDumakahle ashaye isikhala engomeni, izingoma zakhe zihlanganisa ezokwakha ngempilo njengoba phela zigqugquzela ezinye zibuye zivuse usizi kumuntu oyilalele ingoma yakhe. Kokunye ke ngisho nazo ezothando izingoma zakhe uyajula kuzona kanti ke nakwezehawu akashayi eceleni. Konke lokhu kumenza abe ngundabamlonyeni futhu ahlonishwe kakhulu kubalandeli beMaskandi. Kulabaculi bakamaskandi abasebasha nabase bancane ngokweminyaka uhamba phambili impela udlela ogageni. Ngokodumo lwakhe kanye nobukhulu bomculo wakhe akamncane neze ngoba udla kulo impela ugqoko oludla amaciko amadala futhi aziwa kakhulu kuyo lendima yomculo.

Umculo kaDumakahle

UDumakahle, ongomunye wabaculi abanezwi elimnandi eNingizimu Afrika, usakhula njengomculi ophumelele kakhulu kwezikaMaskandi. Makhulu kakhulu amava akhe kulendima yomculo ingakho ngisho namanye amaciko emhlonipha akasebenzisana nawo endimeni yomculo wesintu. Kanti ke akagcini nje nokusebenza namaciko omculo kaMaskandi kepha uphinde asebenze namaciko afana noSjava lokhu kukhombisa khona ukuthi ubuciko bakhe kanye nekhono lakhe lokucula likhulu kakhulu.

Izingoma zakhe ezidumile

Maningi kakhulu ama album akhishwe uMaphathefika kusuka nje efikile endimeni yomculo wesintu. Kanti ke esingakubalula nje ukuthi njalo uma ekhiphe umculo wakhe kuba nengoma ethakaselwa kakhulu abanta. Lokhu kubangelwa umlayezo osuke uyidlulisa, kube isigqi sayo nangendlela esuke ihluzwe ngayo nje. Ezingomeni zakhe ezakhayo ziphinde zivuse umunyu kumuntu oyilalele kukhona ethi ‘Umama” ekwi album ethi Utshwala Bephepha. Noma ziningi izingoba ezimnandi kule album kodwa lengoma ikhombisa ubuhlakani, kanye nokujula uma kubhalwa ingoma. Lengoma ivusa usizi iphinde ithunuke kulaba abashiywa abazali babo bengaka bubonic ubuqhawe bezingane zabo.

Enye futhi ilena ethi “Dear Nomathemba”, nayo lena enye yezingoma ezithandwa kakhulu abalandeli bomculo, nayo le ethi “Phakathi komhlane nembeleko” ikhombisa obukhulu ubuciko nobuhlakani lobu. Maningi ke nama album akhishwe uDumakahle, lana sibala 21 Questions okuyi album yakhe yokuqala ephume ngonyaka ka-2018. Bese kulandela Utshwala bephepha ngonyaka ka-2019, kube i-Izw’ elibi ngo 2020. Akugcini ngalawo kube sekulandela Phakathi koMhlane Nembeleko, kube i-S’qhuba izinkomo, Umhayi Wenkondlo kanye neyokugcina ebizwa ngokuthi yi-Ikhehla Lase Lenke. Onke lama album bawathakasele kakhulu abalandeli bomculo wesintu.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment