Odume ngelokuba umongameli wamabhinca ungene uphakathi shi uNgizwe Mchunu kwezombusazwe, phela kuyinto engajwayelekile ukuthi abantu bakaMaskanda bangenge shiqe baze bavele ngekhala kwezombusazwe. Siyazi ukuthi ubaba uShobeni Khuzwayo nguyena okulomculo oke wavela kwezombusazwe waze waba ikhansela lendawo. Kepha okuka Macingwane kuthuse abaningi, akusikhona ukuthi ungene kwezombusazwe okuthuse abaningi. Kepha okumangaze abantu ikhona ukuthi ungene wabe esebhekana ngezihloko zamehlo neqembu elaliholwa owayengu mongemeli wezwe umnu Jacob Zuma ongumkhaya wakhe uNgizwe enkandla. Kuzokhumbuleka phela ukuthi uNgizwe uke wangena ezikhindini eboshelwa ukuthi ulwela yena uNxamalala ukuthi aphume ejele. Ngisho ehamba amacala uMsholozi uNgizwe wayelokhu ela eduze eseka uNxamalala. Naye uNxamalala wenza okufanayo ehamba icala lika Ngizwe ngakho ukuthi bebesekana nowaye ngumongameli.
UMsholozi uvule iqembu elisha lezombusazwe elibizwa ngokuthi uMkhonto Wesizwe, kuthe kusenjalo uNgizwe wagxuma wahlala kulona izinqotho eligxeka futhi ethi abantu abangalivoteli. Okumangaze abantu ikhona phela ukuthi yena bekungamathe nolimu noNxamalala. Namanje abantu basashaya amakhala ngokuthi athi lingavotelwa leliqembu, okumangaze abaningi ke ukuthi uNgizwe unxenxe amabhinca okungabantu abahlobene nomculo wesintu kaMaskandi ukuthi bangazibandakanyi naleliqembu. Phela uMacingwane uthatha njengezwi eliphambili kumabhinca. Phela lokhu kusuka emva kweSilo sikaZulu iNkosi uMisuzulu wagcoba ungizwe wamfaka uphaphe legwalagwala wathi umbeka njengo Mongameli wesizwe samabhinca. Phela kube ingqophamlando leyo ukuthi iSilo umlomo ongathethi manga abake uNgizwe njengomongameli wamabhinca.
Kujwayelekile vele ukuthi abantu bangabi mshungo munye uma kuze kwezokubuswa kwezwe, futhi naye uNgizwe ngeke agxekelwe lokho kodwa kunyuse amashiya kwabaningi ukuzwa uMacingwane eseshintsha ihubo lakhe lokuqhakambisa uMsholozi abuye athi akuqhelwe eqenjini lakhe. Konke lokhu kusho khona ukuthi cha umongameli wamabhinca ungene uyisinama kwezombusazwe, angithi akukapheli sikhathi esingakanani kade emise kabi inhlangano i-EFF. Kuthe kuhlangene iqembu le EFF lapha eMoses Mabhida izonxenxa abantu ukuthi bayivotele, uMacingwane wenza umcimbi lapha eGugu Dlamini wamabhinca. Wakubekwa kwacaca ukuthi inhloso yakhe vele ukulwisana nalo iqembu leli ngenxa yokungahosheli nomphathi walo Julius Malema. Asazi ke iyozala nkomoni kuyena uMacingwane nezombusazwe kodwa ke vele kujwayelekile ukuthi enze into emdonsela amehlo abantu kanti futhi uyindoda enganamahloni.