Izindlovukazi zikaMageba

Amaciko anendima enkulu ayidlalayo ezweni ekwakheni, abonise, anxenxe aphinde enze nezikhalo uma kukhona la angaboni kahle khona. Ingakho ke kungamangazi uma kukhona amaciko asukumela phezulu uma kukhona izinto zokwakha isizwe okumele zenziwe, nanoma futhi kukhona la okumele banxenxe khona umphakathi ngokuthile. Izindlovukazi zikaMageba iqembu lamaciko amathathu esimame kaMaskandi okungu Vumile Mngoma, Buselaphi Gxowa, Boneni Magubane … Read more

Buselaphi

Into eyenza ukuthi umculo wesintu uthandwe kakhulu umlayezo owudlulisayo, indlela olotshwe ngayo bese kuba isigqi sawo uma nje sibala izinto ezimbalwa. Maningi amaciko aqopha izingoma okuthi ngisho sekudlule iminyaka ngeminyaka zaqoshwa kepha umlayezo okuzo ungapheleli emoyeni. Uma sikhuluma ngamaciko abesimame kanye kanye namaqembu awo ngabe senza iphutha uma sishiya ngaphandle iqembu lemithente kanye nomama uBuselaphi … Read more

Amandla Embokodo

Umculo wesintu ugcwele kakhulu abantu besilisa, singasho nje ukuthi yinkundla yezinsizwa namabhungu. Kuleminyaka eyedlule abe mancane amaqembu omculo wesintu aphethwe imbokodo, kungesikho ukuthi ivalelwe ukuphatha amaqembu kodwa kungukuthi eningi ayizifakeli inselelo yokuba abaholi bamaqembu. Okuhle esikubona esikhathini samanje ukubona abesimame, izintombi kanye nabo omama abadala kulendima begqugquzela ukuthi imbokodo izibandakanye emculweni wesintu. Maningi amaciko esintu … Read more

USaliwa Ndunakazi

Zisina zidedelane esigcawini senkundla kamaskandi, unyaka nonyaka noma sithi njalo uma kukhona amaciko esintu akhiphe amacwecwe awo, kuba khona eliba nedumela kakhulu. Kanti ke osekujwayelekile ukuthi noma ekhona amaciko adumile nomculo wawo ohlezi abantu bewuthakasele kakhulu, kuhlezi kuzoba khona iciko elidonsa amehlo abantu. Kulonyaka ke sikhuluma ngensizwa eza noshuni ohlukile kepha omnandi kakhulu. Sikhuluma ngensizwa … Read more

Njoko noMdumazi

Aziswelakali izidumo kumculo kaMaskandi, kukancane ungazizwa izidumo kulomculo. Noma kungamazi ukuthi izinsizwa zihlale zihlale zincwekisane kulomculo kepha le kaMdumazi noNjoko kubukeka sengathi isekude ukuphela . Bucishe bachitheka bugayiwe lezinsizwa zifuna ukubambana ngezihluthu. Impi yalamabhungu indala kakhulu ngoba zigadlana ngisho kuzo izingoma zazo, futhi kubukeka sengathi akekho impela ofuna ukugoba uphondo phakathi kwabo bobabili. Lezinsizwa bezimenywe … Read more

Sandile Mbongwa

Lomhlaba kawunoni ngempela, uwathathe onke amaqhawe omculo wesintu, uma singabala nje amaciko aselele kobandayo singabala size sikhohlwe ukuthi sebebangaki abalele kwabhekabezayo. USandile Mbongwa ngamanye amaciko abedlala ushuni wawo wodwa engawubangi namuntu futhi nendlela abebhala ngayo izingoma ibihluke kakhulu kwamanye amaciko. Noma ebekwazi ukudlala isigingci kepha bekungasiyona kuphela into akwazi ukuyidlala ngoba neViolin ubekwazi njengoba ayeqale … Read more

Izinhlaka/Izinsimbi zika Maskandi

Umculo kamaskandi unezinhlaka ezenza kuphume inoni leli elisuke lizojabulelwa abantu, noma nje sithi izinhlaka ezenza ingoma noma iculo lelo kube iculo eliphelele ngoba phela ingoma akusikhona nje ukucula kuphela kodwa kuhambisana nezinsimbi zakhona eziyizinhlaka zayo. Kuleli khasi ke sidingida zona izinhlaka “Instrumentation” ezisetshenziswa ukwakha ingoma. Ngaphambi nje kokuba kwakhiwe ingoma kunento ebizwa ngokuthu ushuni “tune” … Read more

Mfaz’ omnyama

UMphatheni Khumalo odume kakhulu ngelikaMfaz’ omnyama wazalelwa kwaNongoma bekuyinkunzimalanga yomshayi wesiginci aphinde adlise angokucula izingoma ezinomlayezo kakhulu ngenxa yendlela abebhala ngayo izingoma zakhe. Kanti ke waphinda waduma kakhulu ngobugagu uma edlalela izinkumbi zabantu, akugcinanga lapho amacwecwe akhe ebethakaselwa abantu uma ekhiphile. uMfaz’ omnyama uhambe emhlabeni eneminyaka engu-42, ngo-2001 wayezalwe ngo-1959. Wahambela esibhedlela eSt. Benedict Hospital … Read more

Khangelani ukhuphula imfundo yakhe

Umculo wesintu ikakhulukazi lona kaMaskandi noMbhaqanga ubudume kakhulu ngokuthi umculo wabantu abangancwadile. Nakho lokho ke bekungekho kude kangako neqiniso ngoba uma ubuka emlandweni walomculo maningi kakhulu amaciko angenazo iziqu zemfundo ephakeme. Kulawo maciko abanenhlanhla yokuya esikoleni wona ke iningi lawo lagcina ebangeni leshumi esikoleni. Ngeke nakhona kugxekwe ukungafundi kwamaciko amaningi ngoba phela wona aziphilisa ngamakhono … Read more

Ngizwe Mlando Brian Mchunu

Uma sikhuluma ngomculo wesintu noma kaMaskandi ngabe asebenzi ubulungiswa uma singakhulumi ngoNgizwe Mchunu ngoba phela akekho umuntu olandela umculo wesintu ongawazi amagalelo alendoda. Maningi amaciko omculo womdabu athuthukiswe uNgizwe njengoba engomunye obengumsakazi obelwela ukuthi lomculo uhlonishwe namaciko agxile kuwona adle ngamandla awo. UNgizwe uke waba umsakazi woKhozi FM lapho ayisakaza khona uhlelo olubizwa ngokuthi “Dlala … Read more