Njoko noMdumazi

Aziswelakali izidumo kumculo kaMaskandi, kukancane ungazizwa izidumo kulomculo. Noma kungamazi ukuthi izinsizwa zihlale zihlale zincwekisane kulomculo kepha le kaMdumazi noNjoko kubukeka sengathi isekude ukuphela . Bucishe bachitheka bugayiwe lezinsizwa zifuna ukubambana ngezihluthu. Impi yalamabhungu indala kakhulu ngoba zigadlana ngisho kuzo izingoma zazo, futhi kubukeka sengathi akekho impela ofuna ukugoba uphondo phakathi kwabo bobabili. Lezinsizwa bezimenywe … Read more