Njoko noMdumazi

Aziswelakali izidumo kumculo kaMaskandi, kukancane ungazizwa izidumo kulomculo. Noma kungamazi ukuthi izinsizwa zihlale zihlale zincwekisane kulomculo kepha le kaMdumazi noNjoko kubukeka sengathi isekude ukuphela . Bucishe bachitheka bugayiwe lezinsizwa zifuna ukubambana ngezihluthu. Impi yalamabhungu indala kakhulu ngoba zigadlana ngisho kuzo izingoma zazo, futhi kubukeka sengathi akekho impela ofuna ukugoba uphondo phakathi kwabo bobabili. Lezinsizwa bezimenywe ohlelweni olubizwa ngokuthi “Umbuso Wamaciko” ngaphansi kwe Gezani music Production behambisana nomsakazo Izwi Lomzansi olukhonjiswa kwinkundla ebizwa ngokuthi Youtube. Kumbukiso ovezwa kulelikhasi ku Youtube kuvezwa uMdumazi esukuma efuna ukugadla kwiHobosha, uNjoko. Kuthi nje emuva kwesikhashana naye uNjoko asukume efuna ukugadla kwasiza bona onogada ngokubehlukanisa. Abalandeli bekhuluma ezinkundleni zokuxhumana bathi lezinsizwa azinikwe udede zidelisane ngoba azisabani vele futhi zombili zimalunda.

Njoko noMdumazi

Abanye abalandeli bakamaskandi ukuncweka kwalezinsizwa bakubona njengendlela yokuthi zihlale zisematheni noma njengendlela yokuthi kuhlale kukhulunywa ngazo. Maningi amaciko asebenzisa ubuchule bokunqofana nezinye izindlela zokuzidayisa ukuze athuthukise ukuthengwa komculo wawo. Umculo wesintu ufana nawo umgangela la okudlalwa khona izinduku, akudingi umuntu uze ungezwani naye noma nixabane khona nizoncweka. Kodwa umuntu uzikhethela yena insizwa angancwekisana nayo kube umdlalo wezinsizwa. Okungabuye sikuncome ngalamaciko omabili uNjoko noMdumazi ukuthi omabili awayesabi inselelo futhi nomculo wabo abantu bawuthakasela kakhulu. Noma lezinsizwa zingabuthwanga zaqhathwa ndawonye njengoba uNjoko engowaseNkandla eMshisandlu kanti uMdumazi engowaseMtubatuba kwaShikishela kodwa uyabubona ubunsizwa babo. Unyaka nonyaka uma uNjoko ekhiphile kuba nengoma ebizwa ngokuthi yi”hit” ethakaselwa abantu abaningi. Naye uMdumazi akadumazi uma esekhipha ingoma ngoba naye ushaya amanoni athandwa izinsizwa nezintombi.