Uma sikhuluma ngomculo wesintu noma kaMaskandi ngabe asebenzi ubulungiswa uma singakhulumi ngoNgizwe Mchunu ngoba phela akekho umuntu olandela umculo wesintu ongawazi amagalelo alendoda. Maningi amaciko omculo womdabu athuthukiswe uNgizwe njengoba engomunye obengumsakazi obelwela ukuthi lomculo uhlonishwe namaciko agxile kuwona adle ngamandla awo. UNgizwe uke waba umsakazi woKhozi FM lapho ayisakaza khona uhlelo olubizwa ngokuthi “Dlala ngenkotha dlala ngolimu” okwakuwuhlelo olukhuthaza ukucikoza ngesizulu kanye nokufundisana ngalo ulimu lwethu. Emuva kwalokho wabe esesakaza uhlelo lukaMaskandi lona ke akagile izimanga kulo waze waya ngisho eMelika lapho ahlangana khona nomongameli u-Obama. Uphinde wasebenza nasohlelweni lukamabonakude iRoots lomculo wesintu wezinhlanhla zonke, kanti ke manje unomsakazo wakhe womoya obizwa ngokuthi Ngizwe Online nokuyilapho abethula khona izinkulumo zakhe ekhala ngokuthi akukhululwe uMsholozi.
UMacingwane ungowokuzalwa eNkandla kanti uneminyaka elinganiselwa kwengamashumi amane. Uke wenza iziqu zokusakaza eNyuvesi yakwaZulu (UKZN) lapho ebenza Media and Communication Study nokuyiziqu azenze izinyanga eziyisithupha, waziphothula. UMchunu udume kakhulu ngobugagu bakhe kanye nokwazi ukukhuluma nabantu. IsiZulu sithi akunasoka elanganasici, noma uNgizwe eyigagu kepha useke waba nezigameko emsakazweni okuyikhona okwenza ukuba agcine akhonjwe indlela emsakazweni woKhozi ngokuphula umthetho. Ngaphambi kokuqubuka kodaba lokuboshwa kukaNxamalala uNgizwe ubengumuntu obesedume kakhulu ngamahlaya akhe lapho abenza khona amahlaya encokola ngosaziwayo abathile ngokuthatha ama “video” ebagxeka noma encoma indlela abagqoka ngayo kanye nezinto ezisematheni abantu abazenzayo.