USaliwa Ndunakazi

Zisina zidedelane esigcawini senkundla kamaskandi, unyaka nonyaka noma sithi njalo uma kukhona amaciko esintu akhiphe amacwecwe awo, kuba khona eliba nedumela kakhulu. Kanti ke osekujwayelekile ukuthi noma ekhona amaciko adumile nomculo wawo ohlezi abantu bewuthakasele kakhulu, kuhlezi kuzoba khona iciko elidonsa amehlo abantu. Kulonyaka ke sikhuluma ngensizwa eza noshuni ohlukile kepha omnandi kakhulu. Sikhuluma ngensizwa efika noshuni wobugoso kumaskandi, lokhu kusho ukuthi izingoma zayo zihluke kakhulu kunalezi esesijwayele ukuzizwa uma kuphuma ama-album amasha. Ifike yageleleka insizwa yaseDondotha, uSaliwa Ndunakazi ofike wangena nenkulu ingoma lena wathandwa abantu kulomculo. Uma ungena nje ezinkundleni zokuxhumana kulamakhasi omculo kamaskandi igama lakhe lihamba phambili.

Kade kwagcina ukuthi uma iciko lika masikandi likhiphe ingoma i-album yakhe ibe namanoni amaningi athakaselwa abantu ngokwehlukana kwazo kwi album eyodwa. Izingoma zakhe ezidume (trend) kakhulu koTicktok, Facebook naku Instagram ilena ethi Nisilobolisa kabi, Eziyemhlangeni, kanye nethi Suka Sishimane akahamba kuyo noMzukulu. Uma uwumuntu othanda ushameni ngeke impela ungayithandi album yalensizwa ngoba loshuni wobugoso uma kugindwa ingoma ehlahleni iwushaye kakhulu nongenandlebe uyawuzwa impela. Kanti ke ezinye izingoma zakhe ezithandwa kakhulu abantu singabala lena ethi Ababuye okuyingoma ekhulumela abasemajele. Kulenyanga kaMay ubevakashele ejele eWestville zamjabulela kakhulu ukumbona iziboshwa eziboshwe khona kuleli jele. Enye eyesonto lamaNazaretha esihloko sithi 100% Olwethu uNyazi nayo ethandwa kakhulu.