Into eyenza ukuthi umculo wesintu uthandwe kakhulu umlayezo owudlulisayo, indlela olotshwe ngayo bese kuba isigqi sawo uma nje sibala izinto ezimbalwa. Maningi amaciko aqopha izingoma okuthi ngisho sekudlule iminyaka ngeminyaka zaqoshwa kepha umlayezo okuzo ungapheleli emoyeni. Uma sikhuluma ngamaciko abesimame kanye kanye namaqembu awo ngabe senza iphutha uma sishiya ngaphandle iqembu lemithente kanye nomama uBuselaphi Gxowa. Ziningi izingoma zesintu eziphume ngaphansi kweqembu likaBuselaphi kuhamba phambili uBuselaphi kuzo ngephimbo ehlabelela. Kuleli khasi ke sinaba ngengoma ethi Umendo kanye nalena ethi Udayise Ngami eziculwa iqembu uBuselaphi ngephimbo lika Dokotela Buselaphi Gxowa eseyingxenye yalo leli qembu. Udayise Ngami ingoma eyenaba ngenguduso esilotsholiwe ezogona komunye umuzi. Izinhlamvu zalengoma zithi:
“Baba nomama nje ngisele okhalweni, ubaba udayise ngami kubafokazana
Izizwe zonke zimbonile ubaba, ubaba udayise ngami kubafokazana ngahlupheka
Ngoba ngilapha kumnyama kwethu, ummele uphumelele ngami wena mavimbela”

Lapha lentombi isuke isizilahla ikhala ngosizi lokushiya ikubo la ephethwe khona kahle ngaphansi kwesandla sabazali isiyovusa umuzi wakwesinye isibongo ingazi ukuthi izophathwa kanjani lapho. Uma ubaba womuzi ekhipha indodakazi yakhe, indodakazi iyaye iyalwe ngomama abadala bakubo ngokuthi iziphathe kanjani emzini futhi izihloniphe. Abadala baphinde bakuveze ukuthi emendweni kudinga uqine ngoba ziningi izivunguvungu uma usuganile, ingakho nakuyo lengoma lentombi eyogana ikhala izithulisa ngoba ayazi ikusasa liyiphatheleni la eyokwendela khona. Lapha ke lentombi ayigcini ngokukhala ngokuyogana kepha futhi ikhala ngokuthi ubaba wayo uvume izinkomo ezizoyilobola ibona engathi uyise wayo uyayidayisa. Izingoma ezinje ngalezi ziveza ubuciko kakhulu ngoba ziveza ukujula kokugcagca kwentombi nokuthi isuke izizwa kanjani uma isikhishwa kubo iyoganiswa. Bese kuthi lena ethi uMendo yona isho ukukhala kwentombi isigajwe uthando lwensizwa ebizibika kuyo intombi.