UMphatheni Khumalo odume kakhulu ngelikaMfaz’ omnyama wazalelwa kwaNongoma bekuyinkunzimalanga yomshayi wesiginci aphinde adlise angokucula izingoma ezinomlayezo kakhulu ngenxa yendlela abebhala ngayo izingoma zakhe. Kanti ke waphinda waduma kakhulu ngobugagu uma edlalela izinkumbi zabantu, akugcinanga lapho amacwecwe akhe ebethakaselwa abantu uma ekhiphile. uMfaz’ omnyama uhambe emhlabeni eneminyaka engu-42, ngo-2001 wayezalwe ngo-1959. Wahambela esibhedlela eSt. Benedict Hospital KwaZulu Natali ngemuva kokugula ephethwe Ipancreatic cancer, wadlula emhlabeni enabantwana abayishagalombili kanye nowakwakhe.
Ekufikeni endimeni yomculo ufike nje evundululwe owayengu msakazi womsakazo uKhozi Fm umnumnzane Bhodloza Nzimande ngenkathi esebenza esifundazweni saseNorth West, lapho obekusebenza khona abantu abaningi bebesuka eEastern Cape ikakhulukazi emaMpondweni. Uqale ukuziculela eyedwa emva kwalokho wabe eseba ilunga leqembu Izingqungqulu lapho ehambisana khona noPhuzekhemisi kanye neHhashi Elimhlophe nalapho abagila khona izimanga. Emuva kwalokho wabe esephinde ezimela yedwa nokuyilapho waphinde wazidlela amahlanga ngamanoni athi “Khula Tshitshi Lami”, Ngisenbenzile Mama kanye nethi Ngiyashisa Bhe ngoba phela lamanoni athandwa kakhulu abantu. Ngabe asibenzi ubulungiswa uma kuthiwa umfoka Khumalo asimfaki ohlwini labaculi ababeke indukebandla futhi baba nedumela kulendima yomculo.
Nawa ke amacwecwe akhishwe umfokaMbulase
- Emazweni Baba (1995)
- Amagugu (1996)
- Khula Tshitshi Lami (1997)
- Ngiyashisa Bhe!! (1999)
- Ngisebenzile Mama (2000)
- Ngihlanze Ngedela (2001)
Njengeciko ebelithandwa kakhulu eNinginizimu Afrika kanye nasemazweni uMtungwa uke wamenywa naphesheya kwezilwandle ukuthi adlale, anandisele izihlwele zakhe. Nalu uhlu lwamazwe ake wadlala kuwo phesheya kwezilwandle.
- Germany
- United Kingdom
- United States
- Hong Kong