Lomhlaba kawunoni ngempela, uwathathe onke amaqhawe omculo wesintu, uma singabala nje amaciko aselele kobandayo singabala size sikhohlwe ukuthi sebebangaki abalele kwabhekabezayo. USandile Mbongwa ngamanye amaciko abedlala ushuni wawo wodwa engawubangi namuntu futhi nendlela abebhala ngayo izingoma ibihluke kakhulu kwamanye amaciko. Noma ebekwazi ukudlala isigingci kepha bekungasiyona kuphela into akwazi ukuyidlala ngoba neViolin ubekwazi njengoba ayeqale ukuyifunda ngonyaka ka-1896. Uma ulalela nakahle umculo wakhe uyezwa kwisingqi sezingoma zakhe ngendlela ezizothe ngayo ukuthi cha kukhona nokuthatha kwiviolin uma edlala. USandile Mbongwa ubenamaqembu amabili kaMaskandi, elokuqala belibizwa ngoVezuthando bese kuba Amabongwa okuyiwona abedle ngawo kumacwecwe abewakhipha. Ziningi nezingoma zikaSandile Mbongwa ebezithandwa kakhulu njengalena ethi “Uloliwe”, ngisho namanje emarank amatekisi nasemadolobheni iyidlalwa ngenxa yomlayezo wayo kanye nomuzwa ewuletha kumuntu oyilalele.

Ngaphansi kwaMabongwa kanye noVezuthando maningi ama-album awakhiphile uSandile namaqembu akhe, kanti sizoloba lapha ngezansi. Okubuye ngomculo ukuthi awusilona ifa, lokhu kusho ukuthi noma ngabe uzalwa umuntu okwazi kangakanani ukucula futhi oyigagu kodwa lokho akusho ukuthi nawe uzoba ilona. Ambalwa kakhulu amaciko kamaskandi aba nenhlanhla yokuthi izingane zawo zifuze wona ngengoma. UShobeni Khuzwayo njengamanje osenenhlanhla nje yokuthi uDlubheke noFalabo babe ngamagagu futhi bathandwe nje ngobuciko babo. Kuyishwa ukuthi naye uSandile Mbongwa umculo wakhe wacwila njengodobo lwezinhlanzi emfuleni emuva kokuba esehambile, engeyedwa ke maningi namanye amaciko athi uma ehamba emhlabeni kungabe kusaqhamuka muntu ezinganeni zawo ukuqhubeka namaqembu oyise. Nanka amanye ama-album akhishwe uSandile ngamaqembu akhe ahlukene Ingwe, Indaka, Emcitsheni, Umkhohlisi, Izitha, Izinto zami, Ngikhathele, Eratanang, kanye naMaloya njalonjalo.