Bakhihla esikaNandi abalandeli kanye namaciko emculo wesintu uMaskandi ngokuwa kwesihlahla esikhulu umnumnzane Jan Smith. UJan amagalelo akhe kulomculo ajule kakhulu futhi waziwa ngisho uhlanya lomculo wesintu. UJan Smithi ubengumnikazi wendawo yokuqopha lapho kuqopha khona amaciko kaMaskandi. Maningi amaciko aphume ngaphansi kwesandla sakhe esebenza ngaphansi kweStudio esibizwa ngokuthi yiTakk Studios okuyila bezidlana khona imilala, ziphekwe zithulelwe kuqoshwa izingoma zomculo wesintu. UJan ubesefana nobaba kumaciko amaningi asebenze nawo eqopha umculo wawo kanti nje singasho ukuthi ubeyinsika yalomculo. Akusiwona wodwa amaciko akade esebenza nawo uMnu Smith akhala ngokuhamba kwakhe kepha nje abathandi balomculo nxazonke bakhala esifanayo, bakhala ngokuthi bagqenywe engeqiwa ntwala ingozi lena ezokthatha isikhathi ukuthi iphole.
Ukuhamba kuka Mnu Smith kushaye kwazwela nakumaciko afana noKhangelani Sodubula Mhlongo kanye noKhuzani Mpungose abaze babhonga emswenaneni ngokubhala ezinkundleni zabo zokuxhumana bezwakalanisa ukukhungatheka kwabo ngokuhamba kuka Jan. Izinkulumo zikaKhuzani no uSodubula ziveza ngokusobala ukuthi ukuhamba kuka Jan kuwalamize amaciko njengoba sebengondinga sithebeni. Ubuciko bakhe bokukwazi ukusebenza ngamaciko adlala izindlela ezahlukene zomculo yinto ahambe nayo endlini yakhe yokugcina ngeke kube khona omunye ozokwenza njengaye. UKhuzani Mpungose, Mthandeni, Mbuzeni Mkhize, Khangelani “DSD” Mhlongo, Mdumazi Mhlongo, Inkosi yamaGcokama kanye nabanye abaningi abadumile futhi abaziwayo kulendima balahlekelwe. Okungekuhle ke kodwa ngokuhamba kwamaqhawe afana no Mnumnzane Smith ukuthi kubonakala ngathi babungazwa kakhulu amagalelo abo uma bengasekho emhlabeni. Ingakho ke kubalulekile ukuthi abantu sibabungaze futhi sibonge ubuqhawe babo besadla anhlamvana khona nabo bezobona ukuthi umsebenzi wabo abantu bayawuthakasela.