UNjoko – Zamemeza izingane

Licasuke kakhulu ke kulokhu iHobosha kwi-album yalo elisha elilikhiphile njengoba wonke umuntu engawuvali umlomo ngayo ekhala ngobumnandi bayo. Phela njengoba sesibheke enyangeni kaZibandlela nje sekuzosongwa unyaka, iningi lamaciko kaMaskandi adedele umsebenzi wabo ukuze uzolalelwa abantu. Ubona ngisho ezinkundleni zoku xhumana ezifana noFacebook kanye noTick-tock ukuthi cha zikhala ngampela ke manje kushiyana umshefezo. Into eyenza ibe mnandi kakhulu le-album kaNjoko ukuthi inesigqi esehlukile, kanti futhi naye uveze elikhulu ikhono leli njengoba eqhamuke noshuni esingawu jwayele kuyena.

Uma ulalele le-album uthola izingoma ezahlukene, eyehawu uyayithola ingoma ngoba phela loluhlobo lomculo wethu wesintu owokushinga nobunsizwa. Ezothando nokweluleka nazo izingoma zikhona ngoba phela kumele abaculi benze isiqiniseko sokuthi uma umuntu ephakela abantu ingoba akayiphekile ibe nakho konke ingakudleli nganxanye njengamanzi omfula. Kanti nezingoma nje mayelana nempilo nokugqugquzeleka zikhona futhi nazo, lokho kusho khona ukuthi uNjoko kumele singamudleli amandla akhe simuncome esaphila ngamava akhe.

Okuthuse abaningi ke ukuthi iHobosha kule album alibukekanga ligadla kakhulu kuMdumazi okuyimbangi yakhe, phela lezinsizwa hlezi zidelisana umakhasana uma kukhona ekhipha ingoma. Into enhle ngokuqhudelana kwazo ukuthi kunyusa izinga lekhono kubo bobabili, kanti ke phela vele futhi lomculo sibuye siwuthandele khona ukuthi izinsizwa zihlahla zihlale ziqhuthane amadlebe zincweke. Umculo kaMaskandi awufani nezinye izinhlaka zomculo ezifana nomculo wokholo ngoba phela lapho kusuke kudunyiswa lokho okusho ukuthi akudlaliswana ngokuncweka. Kanti ngapha ngasohlangothini lwethu ingathi kusephashini noma emngangeleni kumele kuphume ingwele.

Kule album esihloko sithi Zamemeza Izingane maningi amacwecwe ashisa bhe kuyona futhi anobuciko nokutshengisayo ukuthi lensizwa yaseMshisandlu eNkandla izinike isineke ngomsebenzi wayo. Lana kunengoma esihloko sithi AYIBALWE ekhuluma ngamalobolo, phela indaba yokushintshwa kwendlela yokwenza mayelana namalobolo indaba esematheni kulezinsuku, ngoba ngisho naso iSilo uMisuzulu useke wahlongoza izinguquko mayelana nayo. Bese kuba ilengoma ethi WAWUMEHLULE, yabona ke la iHobosha ngathi khona okade lifuna ukumvezela ukuthi lona lingumculi ngampela alifuseni ekubeni iciko likaMaskandi. Lengoma inobuciko futhi inesigqi sesimanje kanti isingenile vele ebantwini ngoba iya-trend nasezinkundleni zabantu.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment