Zibondwe zashiywa emculweni kamaskandi ekuqaleni kwesonto lika Zibandlela kanya ka-2021. Wonke umuntu ongumlandeli nomthandi walo mculo wesintu usuke ebambe yakhe impela ngoba phela kuyaziwa lana ukuthi isonto lokukhishwa kwama cwecwe ahlukahlukene ekhiphela ukuvala unyaka. UKhuzani Mpungose, iNdlamlenze edume ngokuba inkosi yomaskandi isivele yenze njalo.
Kanti ke abantu bayithakasele ngampela ukuphuma kweNja Nogodo njengoba sekukhona nezingoma ezithandwa kakhulu kuyona le album. Kuzokhumbuleka ukuthi kade laba khosa isasasa mayelana nokuphuma kwale album emva kokuba waye yimemezele emsakwazweni eyahlukahlukene. Kanti ke nokudayisa kwayo idayise kahle kakhulu ngoba ezinkundleni zoku xhumana ekhasini lakhe ukuvezile ukuthi isidayise amanani angakanani. Ekhasini lakhe elinabalandeli abangaphezu kwesigidi kuFacebook uveze ukuthi angaphazu kuka-R426 610 ama cd osekuqinisekisiwe ukuthi abantu bawathengile osekusele ukuthi afike ezandleni zabo ngqo abathengi.
Kubantu abahlala eThekwini uKhuzani amaCD abo ebe holakala eWorkshop nokuyilapho okuhlanganelwa khona njalo uma ekhipha icwecwe abantu bezozwa ngezethulo baphinde bathenge namaCD abo. Kulabalandeli abasegoli khona kwakuhlanganyelwe kwaMai mai. Maningi impela namanye amaciko adedele umsebenzi wawo kanti nezincomo zinkulu kakhulu ngawo lomsebenzi. Lapha sibala uFalabo Khuzwayo naye okhiphe iAlbum yakhe kulona usuku luka mhlaka 03 kuZibandlela 2021. Nayo iNdlamlenze izisholo ngowayo ukuthi abantu baweseke umculo kaFalabo. Kumaciko akasebenze nawo uKhuba kule album singabala uLuve Dubazane akasebenze naye kwingoma eyahlukanisa unyaka ethi iJele okusho ukuthi buyakhula ubudlelwano babo. Kube iThole lendidane kanye noSiphesihle Zulu beno Thibela omculela indlela yesibili.