UDr Khangelani DSD Mhlongo

Sekuyizo lezonsuku mthandi kaMaskandi zokuthi amaciko acikoze asilethele ukudla kwendlebe njengoba kuyilenyanga nje kaMeyi. Ezisematheni nje manje ukuphuma kwecwecwe lika Dubula Sodubulana uDr Khangelani Mhlongo owaziwa ngelika DSD kuyo lendima yomculo wesintu. Lensizwa isimnkantshubomvu emculweni kaMaskandi njengoba isineminyaka edlula ishumi nanhlanu ikule ndima . Maningi namava akhe asewabekile kuyo lendima, ingakho ke nje kungamangazi nokuthi ukukhishwa kwecwecwe lakhe ngaphansi kweqembu Osaziwayo lilindelwe ngamehlo abomvu. Kulo lelicwecwe sekukhona nengoma esizidlela amahlanga esihloko esithi “Ntabezikude” abantu asebetshengise ukuyithakasela kakhulu.

Kanti ke naye uDr Mhlongo insizwa yaseNkandla uselikhiphile izwi lokuthi album izophuma nini nokuthi kuzohlanganwa kanjani ezindaweni la zoyethula khona. Nakhu ke iSilo somaskandi esikushilo mayelana necwecwe lakhe elilindelwe.

“Bathandi bakaMaskandi, balandeli bomculo wethu weSintu ngiyanimema ngininxusa ukuthi nonke niphelele kuma- launch omsebenzi wami omusha othi Imisebenzi Ka Shenge ngaphansi ko Saziwayo”. Ube eseveza ke ukuthi izinsuku zokwethulwa lomsebenzi zime kanjani iziphi futhi, uthi ngomhlaka…

  • 29 Meyi 2021 ngo-9:00 ekuseni Rotary Stadium KwaMashu
  • 30 Meyi 2021 ngo-9:00 ekuseni Jeppe kwa Skorokoro

Wabe esenxusa nabalandeli balomculo nabeminye imikhakha ukuba baphelele bonke ngobuningi babo ukuzozwa ukudla kwabo bazidelise ngamanoni alo lelicwecwe elizophuma. Kanti ke kuzobe kukhona maningi namaciko azobe ezothokozisa izihlwele ezizobe zisingathe ukwethulwa kwalo icwecwe loSaziwayo.

Kanti ke ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana uFacebook ubeke kanje:

“Ngiyabingelela kuphi nakuphi lapho okufinyelela khona le-post. Njengoba senazi ukuthi leMpelasonto esiya kuyo eyeMisebenzi Ka Shenge sekunjalo ke. Nansi i-Inside Cover ye-Album YoSaziwayo ezophuma ngomhlaka 28 Meyi bese ibakhona nge 29 eThekwini kuthi eGoli sidibane ngomhlaka 30. Ngizocela uma kukhona Isangoma mbumbulu ebesithi sizogidisa amathwasa kuleliviki cha cha cha abame abame abame abame kancane kukhonya eyase Shobalenyathi kulokhu”.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment