iMpucuzeko Maskandi Festival

Umfoka Mcineka ubeziqhathe phansi enkundleni  i-People’s Park kwelika Bhanana eThekwini kwi Mpucuzeko Festival, okuwumdlalo womculo kamasikandi waminyaka yonke. Lomcimbi uhanjelwa izinkumbi zabantu zamaqembu ahlukene ka Maskandi, njengoba nakulokhu bebebaningi ukudlula izimpethu zendlovu.

Okugqame kakhulu ngalomcimbi odume ngendebe yomhlaba yamaciko kaMaskandi ubuhle bengqephu yabalandeli bamaqembu amaskandi, okubalwa kubo abalandeli ba Amageza Amahle abebephume ngobuningi, abalandeli baka Khuzani Mpungose kanye nabo Saziwayo ezika Dubula ebezihlobe ngombala omnyama nomhlophe kanye namafulegi awo lombala okubenze bavelela ngobuhle bokwembatha babo. Okube kuhle kakhulu ngalomcimbi ukubona abalandeli beqhawe elingasekho, uMjikijelwa Ngubane bephume ngobuningi babo, begqoke umfaniswano weqembu obulotshwe umlayezo othi ilale kahle endlini yayo yokugcina inkosi ka Maskandi.

Uzibhulele Amahlanga uKhuzani ewina umklomelo wokuba nabalandeli abaningi kulomcimbi, nalapho akahlomule khona ngenkece inani layo elibalelwa ku R25 000, obubekelwe iciko elizoba nabalandeli abaningi kulomcimbi.

Okuhle ngalomcimbi ukuthi namavukane noma amaciko asafufusa anikiwe ithuba lokuthi abe yingxenye yalomcimbi njengoba besisiningi isibalo samavukane abedlala kulomcimbi, okubalwa kuwo no Skweletu, oshaye ingoma bacela impinda abalandeli befuna adlale okwesibili, nabo ungeke ubasoleke ngoba ingoma emnandi iyaphindwa, kanti ke nesiZulu sithi “ayimithi ‘ngaphindwanga”. Lomcimbi ubuye waxwayisa noma wanxenxa abebewuhambele abangasokile ukuthi basoke, njengoba amaciko ebenikwa umbhobho ukuthi anxenxe abalandeli ukuba besoke laba abangasokile.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment