Inunu Emnyama

Ukuphuma kwelanga ekuseni kuveza ubuhle bezwe, kukhala izinyoni zitshikoza, ziculela ukubona ubuhle bezwe, kwename namathole etshakadula, kanti ke nathi thina bantu sithokozela ukubungaza impilo ngobumnandi bayo kanye nesilethela khona. Kodwa ke futhi ukusa akugcini ngokuphuma kwelanga, ngoba siyavuka ekuseni izulu lidinwe liveva, libafazi bedube inyama. Injabulo yokuphuma kwelanga iphikiswa izinyembezi ezifika nokuduma kwezulu, kuqhume isililo kwembathwe amatshali, sisale sikhexe ungenzansi. Injalo njeke impilo, ayinasiqiniseko sokuthi sizovuka kube njalo ngakusasa, asazi noma lizophuma ilanga kugqashiye amathole, noma lizothukuthela lize nezikhukhula zezinyembezi nomunyu kanye nosizi.

Lifikile ifu elimnyama kithi balandeli bomculo wesintu, ikakhulukazi thina bathandi baka Maskandi. Sikhala siyazithulisa ngokudlula kokuzuma kuka Sibongiseni Mjikijelwa Ngubane obebuye aziwe ngenun’ emnyama kodwa emhlophe ngenhliziyo. Ukudlula kwalensizwa yakoMbomvu ngokuzuma kusigqeme engeqiwa ntwala ingozi le! Phela lensizwa amagalelo ayo kulendima omculo wesintu awafunwa ndawo futhi awazingelwa ehlane njengenyamazane ngoba umsebenzi wayo uzikhulumela wona, ngendlela abethandwa ngayo futhi namanje akathandwa ngayo ngisho eselele ikuveza ngokusobala ukuthi lensizwa bekusilomo futhi engindabamlonyeni kubantu ngemisebenzi yakhe emihle.

Sisekuyo lendaba kaSomahhashi, kuhle sikuveze ukuthi ukudlula kwakhe emhlabeni kuhlabe kwaphukela kuthina balandeli bomculo wesintu, nosekusenze salahlekelwa yithemba thina balandeli balomculo futhi kwacacisa bha! ukuthi kushuthi alikho iciko lalomculo elizogugela kuwona njengoba engasabaleki amaciko akithi asendile singakashayi isikhathi. Njengoba nensizwa eyasebenza kakhulu noMbomvu uMgqumeni naye washeshe wasishiya emhlabeni.

Inun’ Emnyama igqame emculweni kaMaskandi isebenzisana nensizwa engasekho emhlabeni uKhulekani Mqgumeni Mseleku, akaqale ukusebenza naye ngonyaka wezi 2001. UmfokaMbomvu ubuqela kwelinye kamaqembu kaMgqumeni okuyi Thwasa Lami, ehambisana noKhangelani DSD Mhlongo, okuyila esaqala ukuzwa iphimbo lakhe elimtoti lokucula, kanti ke ubugagu bayo lensizwa besibubona nakuma DVD akhe uMqgumeni, njengoba saqala ukumbona egida kule DVD esihloko esithi, “Sincind’ Igazi”.

Inun’ Emnyama ibe isiphuma inxiwa layo, ishiya emaqenjini kaMgqumeni yakhipha icwecwe elisihloko sithi “Sihlupheke sonke” neyashisa izikhotha, kwasalwa kuvalwe imizi kwamanye amadoda ngenxa yamanoni ayekulo lelicwecwe okubalwa kubo lengoba ethi “Agugelekhaya” kanye nale ethi “We Gcinile”. Kanti ke! Lesi kwakuseyisiqalo noma nje sithi kwakusasivezela ubukhosi balensizwa okwathi ngokuhamba kwesikhathi wabekwa ngokusobala ngabalandeli balomculo kanye namanye amaciko acikoza kanye nayo lenqgalabutho. UMbomvu besingamazeli ubuqhawe bakhe engomeni kuphela kodwa ubaziwa kakhulu nangesihe kanye nenhliziyo enhle abenayo. Njengoba kwaziwa nje ukuthi kunamaciko avele ngaye futhi okuwuyena owabeke ebalazweni, kwabanye babo sibala uMnikezwa ukuwumfowabo, uSgabiso odume ngele Cheetah, ukubala abambalwa.

UMjikijelwa uzalwa kwaJikijiki, eMvoti esifundeni saKwaZulu Natal, okuyilavokutshaleke khona imbevu yobuciko futhi akancele khona ubugagu bomculo kaMaskandi. Iqhawe lethu lidlule emhlabeni ngezi 26 ku Nhlaba 2018, edlulela esibhedlela eDurban Hospital. Kumndeni wakhe, izihlobo kanye nabalandeli sithi, “Dudu, alwehlanga lungehlanga”

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment