Izingoma ezidla ubhedu

Unyaka nonyaka emculweni kaMaskandi kuhlale nezingoma ezisuke zingene kakhulu kubantu bazithanda. Zidlalwa emsakazweni ehlukene, omabonakude ngokunjalo ngisho nakhona ezinkundleni zokuxhumana zisuke nje zidla ubhedu. Kulula kakhulu ke esikhathini samanje ukubona ukuthi ingoma ingene kangakanani kubantu. Ngokungena nje kwakho kuTicktok, YouTube ngisho naku Facebook uyayibona ingoma ethakaselwe abantu, ngoba ubona ngisho uluvo abanalo ngalelo culo. Ezinkundleni zokuxhumana phela ikhona la umculo nabaculi okuvela ukuthi bathakaselwa kangakanani abantu kanye nabalandeli bomculo.

Uma sibheka nje manje, ziningi kakhulu izingoma ezithakaselwa abantu. Ezinye zazo kwinkundla YouTube zilalelwa izigidi zabalandeli, lokhu sikuthola ngakho ukuthi lenkundla iyaveza inani labantu abasuke kade belalele leloculi kuma Views ayo leyongoma. Uma nje sikha phezulu ayikho ingoma ethandwa ukudlula eyeGcokama Elisha kanye noLwah Ndlunkulu ezinkundleni zokuxhumana ngoba phela namanje idla amahlanga ngokwezibalo zabantu abayilalelayo. Akumangazi ke kodwa ukuyibona izihola phambili zilandela ngemumva njengomsila ezinye ngoba phela ingezinye yezingoma ezicishe zahlukanisa unyaka ilala isibili.

Ziningi kakhulu izingoma zikaMaskandi ezidlela ogageni futhi ezathandwa abantu njengamanje. Lana singaba nje eziyishumi ezise mgangathweni. Kulezi eziyishumi sibala nje ukuthi izona ezisematheni abantu kepha asihlukanisi ngokuthi iyiphi ezishaya amakhanda ngoba abantu bazithanda ngokwehlukana. Nalu ke ngezansi uhlu lwe “Top 10” kaMaskandi lwezingoma ezihamba phambili kubantu futhi ezihamba phambili nasezinkundleni zokuxhumana.

Igcokama Elisha ft Lwah Ndlunkulu– Paris

Gatsheni – Hit after Hit

Mzukulu – Selikhuphele Ijuba

Inkosi Yamagcokama – Kuyazenzakalela

Smirnof – i-Owner

Menzi – Ngeke Ungiphathe

Khangelani Mhlongo – Saphikisana nabangani

Mahostela 97 – Wangenz’ umuntu ebantwini

Zwide – We Nhliziyo yami Mjolisi – Umkami sengalile

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment