Lakhala icilongo, abafana bachela amahawu esibayeni, ezomgangela ziyodibana khona, kuyodiban’ umakhasana ilishay’ ikhanda inqwele, lophe kumfana liyogezwa emfuleni olohluleke ukuvika. Ugiye kwabonakala uKhangelani Mhlongo odume ngelika “DSD” weqembu Osaziwayo okuyiqembu elidumile ku maskandi, lensizwa izidlela amahlanga ngecwecwe layo lokuqala ezibiza ngegama lakhe, uKhangelani.
Leli cwecwe lishisa izikhotha njengoba ngezinsuku ezimbili liphumile lidayise inani elingaphezu kwezinkulungwane ezilishumi (10 000 copies) ngaphambi kokuthi litholakale ezitolo. Isihloko saleli cwecwe i “The Clairvoyant” la lensizwa eziqhakambisa khona ngamagalelo ayo, ubuciko bayo kanye ke nje nobu gagu angabunananga ndawo kodwa okuyinto akazalwa nayo. Okuqaphelelisekayo kulo msebenzi waleli ciko ubuciko kanye nobuchule ekubhaleni izingoma ezinomlayezo. Enye yezingoma enone ngobuciko ile ethi “Ithuna lendlala”, egqugquzela ukusebenza ngokuzikhandla nokuxwayisa ngobugebengu. Kanti ke nezothando zikhona njengalengoma ethi “Wedding day”, abaningi abayithokozele kakhulu.
Kuyaziwa ukuthi umculo wesintu ukushinga yinto yakhona ezinsizweni nasezintombini, kuleli cwecwe lika Sodubula zikhona nezingoma zobunsizwa noma nje ngithi zikhona nezingoma zehawu njenga le ethi “Iminyaka yendoda” kanye nale esihloko esithi “Mkhaya Wami”, la akagadle khona kubole kwelinye iciko likaMaskandi. Sithi nongakalithengi leli cwecwe akaphuthume ezitolo ezitholele elakhe, ngeke ayikhalele nhlobo inkece yakhe njengoba lomsebenzi ka Khangelani usezingeni eliphezulu futhi ihlobe ngamanoni akhayo, akhulisayo futhi anomlayezo, kahle kahle nje leli cwecwe elesilaza nefumuka alikhethe zindlebe zokulalela neminyaka yomuntu.