Kugqashuke ifindo kuShwi Nomtekhala

IsiZulu sithi okungapheli kuyahlola, nakwiqembu elinomlando futhi elidume kakhulu elibizwa ngokuthi uShwi noMtekhala sekufike la khona inhloko ihlukana nesixhanti. Kumangaze abaningi ukuvela kwemibiko yokuthi leli qembu liyahlukana. Okushaqise kakhulu ukuthi leli qembu sekuneminyaka lindawonye futhi kungazwakali nokuthi kukhona la abangasahoshelani khona umoya. Kubikwa ukuthi isisusa sokungazwani kwabo kusuka ezindabeni zokusetshenziswa kwezimali zeqembu kanye nokucazelana ngazo.

Leli qembu laduma kakhulu ngecwecwe labo elalinezingoma ezaduma kakhulu ezifana nethi “Ngafa” eqwashisa ngesifo sengculazi nanye ethi “Ubaba”. Ziningi izingoma zabo ebezithakaselwa abantu, ezinye ezobunsizwa zehawu, ezothando kanye nezikhulisayo esizweni. Maningi amaqembu omculo wesintu aphethe ngokuthi ahlukane ngemuva kweminyaka emningi ebambisene. Kepha uShwi noMtekhala bekungalindakele nhlobo ngoba bese kungathi bazalwa ndawonye ngendlela abezwana ngayo. Ngaphambi kokuba babe neqembu labo kumaskandi babecula kwiqembu likacothozamfana elibizwa ngokuthi Ihlanganani. Leli qembu kwaba iqembu lokuqala ukungena emlandweni ngokulala indawo yesibili ku Top10 womsakazo uKhozi FM engomeni ezohlukanisa unyaka ngayo album yabo ethi “Wangisiza baba”.

Ngama-album abo kumaSAMA AWARDS basawine izindondo ezintathu kanti nakumaSATMA sebeke bahlabana futhi ngezindondo ohlwini lwe-album ezishaye amakhanda zonke “Best album”. Amanye ama-album abo aqophe umlando ngokudayisa amacwecwe angaphezulu kuka-500 000 okuyinto ebingajwayelekile nhlobo emculweni kamaskandi. Ukuhlukana phakathi kwaleli qembu kwethuse wonke umuntu ongumlandeli womculo wesintu ngoba leli qembu liyisibuko salomculo futhi baningi ababukela kulo.