Esifundeni sakwaZulu baningi abantu abadlale indima enkulu ukwenza lesifundazwe sibe yilokhu okuyikhona namhlanje. Kubantu abadlale indima enkulu ekutheni isizwe sakwaZulu sibe yilokhu okuyikhona namhlanje kungamandla kaMntwana wakwaPhindangene okungu-Prince Mangosuthu Buthelezi. Noma aziwa kakhulu njengomuntu obengusopolitiki kepha futhi ubenezwi elikhulu ezintweni ezithinta indlunkulu yase bukhosini bakwaZulu. Ukudlula kwakhe emhlabeni kuthuse abaningi kwashiya nesizwe sikaZulu sishaqekile ngenxa yokuthi noma ebesegulile kepha belikhona ithemba lokuthi uzolulama. Umntwana uzalelwe oLundi endaweni yaseMahlabathini ngonyaka ka-1928 ngenyaka kaNcwaba ziwu-27. Kanti ke udlule emhlabeni ngenyanga kaMandulo, 09 kuwo lonyaka ka-2023 eneminyaka engamashumi ayisishagalolunye nanhlanu (95), khona olundi, esifundeni saKwaZulu.
Akubona nje kuphela abantu abakhala ngalengozi engaka abagqemeke yona ngokudlula kukaNgqengelele kepha nomphakathi wamaciko omculo kaMaskandi bakhala bayazithulisa ngokuwa komuthi omkhulu esifundeni sakwaZulu. Ngaphandle nje kokuthi iqembu le Inkatha Freedom Party beliqasha amaciko emcimbini yalo kepha kwayena uMntwana siqu sakhe ubengumuntu ofana nophawu lwesintu ngenxa yomsebenzi omkhulu akawenzele indlunkulu nesizwe samaZulu. Kujwayelekile ukuthi amaciko womculo kaMaskandi akhiphe ingoma ehlonipha iqhawe uma kuhambe umuntu amagalelo akhe ahlonishwayo emphakathini. Ingakho ke nje kungathusanga ukubona amaciko kaMaskandi ahlukene ekhiphe izingoma ezahlukene ezitusa futhi zibonge ubuqhawe bukaShenge. UKhuzani kanye ne-IGcokama Elisha, Ntencane, Thokozani Langa & Mfiliseni Magubane bakhiphe ingoma ethi Lala kahle Shenge, kwase kwaba ekaSaliwa, Gqizile kanye noNavigator Gcwensa abakhiphe ingoma ethi – Tribute to Prince Mangosuthu Buthelezi. Amaciko aphinde ayokhala khona kwaPhindangene eholwa uSomnandi ngamahubo akwaZulu.