Lifihliwe iqhawe lomculo kaMaskandi uMajotha Zungu ebesibekelwe ukuthi selidlulile emhlabeni ngenxa yokugula obekumphethe. Lensizwa ifihlelwe ekhaya endaweni yakwaMaphumulo Oyengo. Nalapho umgcwabo ubugcwele phama abantu bengangizimpethu zendllovu bezovalelisa lensizwa ebidume kakhulu ngephimbo layo. Lensizwa ifihlwa nje bekuphume isicelo sikhishwa izinsizwa ebezibambe naye indima kulomculo zicela ukuba uMasipala wangakubo ungenelele ekufihlweni kwakhe ngoba bebonelela ukuthi lomgcwabo uzobe uhanjelwe izinkumbi zabantu zizovalelisa leliqhawe, nebala ukwenzile uMasipala lokho wanganelela, wafaka isandla. Umculo kaMaskandi umculo wezinsizwa ingakho kungethusi ukuthi zihlezi zincweka futhi zizwana ubunsizwa bazo, naye uGwabini kukhona izinsizwa abencweka nazo kulendima kodwa lokho bekungasho ukuthi sebeyinkukhu nempaka, abadleli esitsheni esisodwa. Ingakho kube kuhle ukubona izinsizwa abengcweka nazo kulomculo zifika zizofihla ithambo lamathambo azo.
Abaculi bakaMaskandi abebehambele lomngcwabo bafike badlalela abalendeli izingoma ezinye ebebezicula nayo lensizwa nezinye ke nje zabo beduduza umndeni kanye nabalandeli. Lokhu ke kuyinto enhle ngoba phela kuyatshengisa ukuthi emdlalweni wezinsizwa akuthathwa ngenhliziyo kanti ke futhi kutshengisa khona ukuthi Indlabeyiphika Yangampela ibiwundabamlonyeni nakuyo lendima ngenxa yamagalelo layo kwezomculo. Okunye okuhle okwenziwe amaciko abebambisene endimeni yomculo ukuthi afake isandla ekufihlweni kwakhe. Kube nesikhwama esihanjiswa amaciko kaMaskandi kubo kwalensizwa beyonikela, uSomnandi nguye osihambise emndenini kaMajotha emele nabanye abaculi. Akugcinanga lapho namanye amaciko anikele ngezinto ezahlukahlukene nangayo inkece ukuze umndeni walensizwa ungabanjwa isisindo sokufihla ithambo lawo uwodwa uzimele ngaphandle koxhaso. Lensizwa ifihlwe ngomhlaka 16 Meyi 20201, ehamba emhlabeni eshiya izingane zakhe eziyisithupha nabakwabo ababili, kanye nomndeni wakhe. USgwebo Sentambo obewumngani aphinde abe ngelinye lamaciko abeculo nawo uMajotho unxenxe izihambeli zikaMasipala ebezise mngcwabeni ukuthi njengoba kuzovotwa nje kumele uMasipala aqashe lona iqembu likaMajotha uma kunemibhiyozo “rally” yezepolitiki khona umndeni walensizwa ungeke ulambe lokhu okukhombisa khona ukuthi cha bezibambisene lezinsizwa.