Ushuni kaMaskandi

Usina uyazibethela kulezinsuku umculi kaMaskandi iGcokama Elisha okubukeka engathi izinto zimhambela kahle kakhulu empilweni. Zisina ziyadedelana impela ezinhle kumfoka Manqele. Akujwayelekile ukubona uhlelo olumayenalana nomculi thizeni kaMaskandi libhunga ngamagalelo akhe kanye nezinselelo aseke wabhekana nazo ukuze abe sezingeni asekulo. Izinhlelo ngamaciko athile sizigcina kakhulu ngamaciko akulena eminye imikhakha yemculo. Lapha singabala umkhakha weHip Hop njengoba kukhona uhlelo oludlala kuma bonakude olubizwa ngokuthi Braai Show with Casper. Kuhle ke uma nomaskandi usuqala ungena ezinhlelweni ezifana nalezi. Kumanje kubungazwa ukuqala kohlelo olubizwa ngokuthi Ushuni kaMaskandi. Loluhlelo lukhuluma ngomlando kaMthandeni Manqele, kanti namazwibela alo aseqalile ukukhonjiswa khona kumabonakude, kuSABC 1 okuyipho ludlala khona njalo ngempelasonto, ngoMgqibelo. Lolu hlelo ludlala ngo 17:30 kanti lubhekwAa kakhulu ngoba phela luveza nempilo ephilwa ilensizwa.

This image has an empty alt attribute; its file name is download.jpg
uMthandeni Manqele

Kanti umfoka Manqele uwagqugquzele kakhulu amaciko omculo wesintu ukuthi akwazi ukubona amathuba akhona phambi kwawo futhi angazibeki phansi. Uphinde wakuveza nokuthi amaciko angajabuleli ukuvela nje kuphela kumabonakude nokudlalwa emsakazweni ngaphandle kokuthi kungene inkece ephaketheni lawo nokuthi imndeni yabo ilambathe, idle umlotha olothile. UManqele uthe uyafisa amabhinca avuleke amehlo ngokuthi uma enikwa ithuba lokuqopha kumabonakude ngempilo yawo, aqonde ukuthi kukhona izivumelwano zemali okumele zisayinwe ezingasebenza ngisho umuntu engasekho kodwa kubo badle ngamandla akhe. UManqele uphinde wazithola eseqopha nakwisiqephu somdlalo uZalo oludlala kumabonakude. Noma okwamanje ingemningi imniningwano ngokuthi uzodlala indawo ekanjani kepha khona kukhona isiqephu azovela kuso kulomdlalo kamabonakude onedumela. Ngalezihlabo zakhe uMthonga, simchoma uphaphe legwalagwala.

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment