Wathi “Azikhale!”, zamkhalela uNgizwe Mchunu. Wajika ezikhindini ngebheyili owayengumsakazi woKhozi Fm, esakaza uhlelo lukaMaskandi uSigiya Ngengoma. Zamkhalela ngemuva kwesikhashana kube nezinsolo zokuthi ufunwa abakwasidlodlo ngonkulumo yakhe eyaythi “Azikhale!” eyayinxenxa ukuthi kukhululwe owengumongameli uMnumnzane Jacob Zuma. UNgizwe wazinikela kwabomthetho ngemuva kokufunwa ngamaphoyisa mayelana nokugqugquzela udlame emphakathini. Kuzokhumbuleka ukuthi uMacingwane ungomunye wabantu abebehamba phambili ekulweleni ukuthi kukhululwe uMsholozi ejele.
Ukuboshwa kwaloyo owayengumongameli wakuleli phambilini kwaphambanisa imibono yabaningi ezweni lonke laseNingizimu Afrika kanye nasemhlabeni wonke jikelele. Phela bekungokokuqala ukuthi kuboshwe umuntu oke waba umongameli eNingizimu Afrika, kuphinde kube ngokokuqala ukuthi kugwetshwe umuntu ngale kokuthi kuthethwe icala. Ukuboshwa kukaNxamalala kwavulela abantu intuba yokuthi benze ubugebengu nobudlova njengoba kuqale kuwukubhikisha kwagcina sekungenelwa izitolo zokudla nezempahla, kuntshontshwa. Akugcinanga ngakho ukwebiwa kwezimpahla nokudla kepha nokuhamba kwezithuthi kwaphazamiseka njengoba kwakushiswa izithuthi zomgwaqo ezifana namabhasi kanye namathilagi (truck) .
UNgizwe wangena otakwini ngoba wayengomunye wabantu abebekhala kakhulu ngokungabi bikho kobulungiswa ekuboshweni kukaNxamalala. UMongameli wakuleli uMnumnzane Ramaphosa wakhipha umbiko wokuthi abantu abebethi balwela uNxamalala bebezama ukuketula umbuso wakulelizwe, kumele bagwetshwe.