Zithulele Majotha Zungu

Seliphinde lasigubezela ifu elimnyama thina bathandi bomculo wesintu sakithi KwaZulu uMaskandi njengoba sekudlule iqhawe ebelidume kakhulu ngengoma yalo emnandi. Lapha sikhuluma ngomfoka Zungu uMajotha, obedume kakhulu ngokuzibiza Ngendlabeyiphika yangampela. Kungena izindaba zokuhamba kwalensizwa nje emhlabeni bekade sisanda kuzwa ngodaba lokungena engozini yomgwaqo kwentokazi ebizwa ngoNdoni ekuyo lendima kaMaskandi kanye noAli Mgube bona ababe nenhlanhla yokuthi basindile noma bephume nemhuzuko. Isililo ngokuhamba kwaleli qhawe lethu kufanele sibe sikhulu ngoba phela ukuhamba kwamaciko kaMasikandi ngezindlela ezahlukene yinto esiyinhlalayenza ngoba maningi amaciko asesihambele kulemyaka edlulileyo onke ehamba ngokugula.

Lensizwa ibisencane kakhulu kanti kuningi nobekulindeleke kuye njengoba edlule emhlabeni eneminyaka engaMashumi amathathu nesishagalolunye. Ubengumphathi wakhe uMzwandile Zungu ubike ukuthi lensizwa ibikade ingaphilile kahle igula, noma engalidalulanga igama lesifo ebesimphethe kodwa ukuvezile ukuthi ungeniswe esibhedlela eKing Edward Hospital ngomhlaka 3 Meyi. Lokhu kulandela ukuba wayekade egula futhi ephalaza wahanjiswa eclinic yakwaMashu ePolly Clinic okwathi emuva kwalokho wabe esedluliselwa khona eKing Edward ukuyofakwa igazi emzimbeni. Elinye iciko likaMaskandi ebelisondelene naye kakhulu ubab’ Thokozani “Somnandi” Langa uthi bakhala bayazithulisa ngokulahlekelwa uMajotha ngoba uhambe ngokuzuma.

USomnandi ukuvezile ukuthi lensizwa yasho kwiqoqo (group) lamaciko abanalo kuWhatsApp ukuthi ayiphilile yacela nokushenxa kancane kuyona le-group. Uthe kumthuse kakhulu uma esefonelwa uMzwandile emtshela ngokudlula kweNdlabeyiphika yangampela emhlabeni. Akusiyena uSomnandi kuphela emacikweni okhala ngokuhamba ngokujuma kukaMajotha namanYe amaciko akhihla esikaNandi, ngoba neqembu laBafana bakaMgqumeni liveze ukuthi nalo liphuke umoya ngalezindaba. Lensizwa izalelwa endaweni yakwaMaphumulo, kanti wayekade efike eThekwini ngokuzofuna umsebenzi, kodwa ukuthanda kwakhe umculo wesintu ikhona okube sekugqama kakhulu njengoba ngonyaka ka-2012 wabe esekhipha icwecwe “album” lokuqala esihloko sithi “Inkinga Yamabutho” okwaba yicwecwe elamvulela indlela kulendima kaMaskandi. Sithi nje LALA MFANA JOTHO, NKOSI YOMASKANDI!!!

Thumela le-athikili uWhatsapp

Leave a Comment