Sandile Mbongwa

Lomhlaba kawunoni ngempela, uwathathe onke amaqhawe omculo wesintu, uma singabala nje amaciko aselele kobandayo singabala size sikhohlwe ukuthi sebebangaki abalele kwabhekabezayo. USandile Mbongwa ngamanye amaciko abedlala ushuni wawo wodwa engawubangi namuntu futhi nendlela abebhala ngayo izingoma ibihluke kakhulu kwamanye amaciko. Noma ebekwazi ukudlala isigingci kepha bekungasiyona kuphela into akwazi ukuyidlala ngoba neViolin ubekwazi njengoba ayeqale … Read more

Izinhlaka/Izinsimbi zika Maskandi

Umculo kamaskandi unezinhlaka ezenza kuphume inoni leli elisuke lizojabulelwa abantu, noma nje sithi izinhlaka ezenza ingoma noma iculo lelo kube iculo eliphelele ngoba phela ingoma akusikhona nje ukucula kuphela kodwa kuhambisana nezinsimbi zakhona eziyizinhlaka zayo. Kuleli khasi ke sidingida zona izinhlaka “Instrumentation” ezisetshenziswa ukwakha ingoma. Ngaphambi nje kokuba kwakhiwe ingoma kunento ebizwa ngokuthu ushuni “tune” … Read more

Ingoma kaZwelonke

Zikhala ngampela ke manje eThekwini esifundeni sika baba uZikalala njengoba zizobe zihlabana amalunda ngoJuni. Lokhu phela kusuka ekutheni kuza ingoma enkulu ngomhlaka 4 Juni 2022, ePeoples Park umuntu uzobe ebambe eyakhe eyenqina njengoba kuzobe kudlalwa ushameni onenkosi phakathi. Kujwayelekile ukuthi uma kukhona imicimbi yesintu efana nekamaskandi amagoso kashameni asale ngaphandle. Okujwayelekile nje ukuthi kube imidlalo … Read more

Kugqashuke ifindo kuShwi Nomtekhala

IsiZulu sithi okungapheli kuyahlola, nakwiqembu elinomlando futhi elidume kakhulu elibizwa ngokuthi uShwi noMtekhala sekufike la khona inhloko ihlukana nesixhanti. Kumangaze abaningi ukuvela kwemibiko yokuthi leli qembu liyahlukana. Okushaqise kakhulu ukuthi leli qembu sekuneminyaka lindawonye futhi kungazwakali nokuthi kukhona la abangasahoshelani khona umoya. Kubikwa ukuthi isisusa sokungazwani kwabo kusuka ezindabeni zokusetshenziswa kwezimali zeqembu kanye nokucazelana ngazo. … Read more

Mfaz’ omnyama

UMphatheni Khumalo odume kakhulu ngelikaMfaz’ omnyama wazalelwa kwaNongoma bekuyinkunzimalanga yomshayi wesiginci aphinde adlise angokucula izingoma ezinomlayezo kakhulu ngenxa yendlela abebhala ngayo izingoma zakhe. Kanti ke waphinda waduma kakhulu ngobugagu uma edlalela izinkumbi zabantu, akugcinanga lapho amacwecwe akhe ebethakaselwa abantu uma ekhiphile. uMfaz’ omnyama uhambe emhlabeni eneminyaka engu-42, ngo-2001 wayezalwe ngo-1959. Wahambela esibhedlela eSt. Benedict Hospital … Read more

Khangelani ukhuphula imfundo yakhe

Umculo wesintu ikakhulukazi lona kaMaskandi noMbhaqanga ubudume kakhulu ngokuthi umculo wabantu abangancwadile. Nakho lokho ke bekungekho kude kangako neqiniso ngoba uma ubuka emlandweni walomculo maningi kakhulu amaciko angenazo iziqu zemfundo ephakeme. Kulawo maciko abanenhlanhla yokuya esikoleni wona ke iningi lawo lagcina ebangeni leshumi esikoleni. Ngeke nakhona kugxekwe ukungafundi kwamaciko amaningi ngoba phela wona aziphilisa ngamakhono … Read more

Ngizwe Mlando Brian Mchunu

Uma sikhuluma ngomculo wesintu noma kaMaskandi ngabe asebenzi ubulungiswa uma singakhulumi ngoNgizwe Mchunu ngoba phela akekho umuntu olandela umculo wesintu ongawazi amagalelo alendoda. Maningi amaciko omculo womdabu athuthukiswe uNgizwe njengoba engomunye obengumsakazi obelwela ukuthi lomculo uhlonishwe namaciko agxile kuwona adle ngamandla awo. UNgizwe uke waba umsakazi woKhozi FM lapho ayisakaza khona uhlelo olubizwa ngokuthi “Dlala … Read more

Inkosi yamagcokama

Uma sikhuluma ngenzinsizwa ezifike kwacaca endimeni yomculo wesintu sikhuluma ngeVulandlela lakoSibalikhulu umfana waseMabomvini eMsinga. UScebi Dlamini akafikanga ugalelekile kulendima nokuyinto engasajwayelekile manje ukuthi ethi umculi omusha efika ebe ethakaselwa kakhulu njengoba kulomculo sekwaba nabalandeli abawoqhawe lami. Oqhawe lami ilabalandeni bakaMaskandi abangawunaki umsebenzi wamanye amaciko ngoba belalela laba ababathandayo kuphela. Kumaciko amasha kuba nzima ngoba baningi … Read more

Mtshengiseni iNdidane Gcwensa

Ngeke siphathe eyaseMngeni kwaMajozi singamphathi uMgqumeni ngoba phela uyincele kuye ingoma. Noma begcine sebeyinkukhu nempaka uGcwensa noMgqumeni kepha lamadoda akhulisene kakhulu emculweni wesintu. UMtshengiseni noMgqumeni basebenze ndawonye nomalumekaMgqumeni uMahawukela, okuthe noma esehambile uMahawukela basebenza bobabili eqenjini leBhova elibizwa ngokuthi Amagcokama. UMtshengiseni lona wazalwa ngomhlaka 06 Mashi 1972, endaweni yaseMsinga esigodini sakwaMajozi, KwaZulu Natali. Njengoba sike … Read more

Amaculo kaMaskandi “Top 10″

Sonke sinemibono ngokuthi kumaciko omaskandi ubani ingqwele, kanti ke imbono yethu ayifani ngoba nezizathu esinazo azifani zokuthanda amaciko esiwathandayo. Noma ngabe ubani unalo ilungelo lokukhetha iciko akalithandayo futhi abe nombono ngalo ngoba phela inhliziyo ayiphakelwa ingakho ungeke ugxeke umuntu ngokuthanda into ayithandayo. Maningi ama-album kamaskandi athakaselwe abantu ngezindlela ezahlukahlukene, ingakho ke kungamangazi nokuthi kuhlezi kunembono … Read more