Khuzani Mpungose: Inja nogodo

Zibondwe zashiywa emculweni kamaskandi ekuqaleni kwesonto lika Zibandlela kanya ka-2021. Wonke umuntu ongumlandeli nomthandi walo mculo wesintu usuke ebambe yakhe impela ngoba phela kuyaziwa lana ukuthi isonto lokukhishwa kwama cwecwe ahlukahlukene ekhiphela ukuvala unyaka. UKhuzani Mpungose, iNdlamlenze edume ngokuba inkosi yomaskandi isivele yenze njalo. Kanti ke abantu bayithakasele ngampela ukuphuma kweNja Nogodo njengoba sekukhona nezingoma ezithandwa … Read more

Igcokama Elisha: Amavolovolo

Iwuchithile umuthi inkonyane kwaManqele, liphumile icwecwe leGcokama Elisha elisihloko esithi Amavolovolo. Leli cwecwe liphume ngomhlaka 02 Disemba 2021 belilindelwe ukuthi lizophuma gomhlaka 04 Disemba 2021 kule nyanga wabe esememezela emsakazweni uKhozi Fm uMthandeni ukuthi selushintshile usuku lokuphuma kwe-Album yakhe. Into enhle iyanconywa, ubashaye emakhanda umfoka Manqele ngesikhangiso se Album yakhe “CD Cover” kule album yakhe. … Read more

Ushuni kaMaskandi

Usina uyazibethela kulezinsuku umculi kaMaskandi iGcokama Elisha okubukeka engathi izinto zimhambela kahle kakhulu empilweni. Zisina ziyadedelana impela ezinhle kumfoka Manqele. Akujwayelekile ukubona uhlelo olumayenalana nomculi thizeni kaMaskandi libhunga ngamagalelo akhe kanye nezinselelo aseke wabhekana nazo ukuze abe sezingeni asekulo. Izinhlelo ngamaciko athile sizigcina kakhulu ngamaciko akulena eminye imikhakha yemculo. Lapha singabala umkhakha weHip Hop njengoba … Read more

Mnumnzane Jan Smith

Bakhihla esikaNandi abalandeli kanye namaciko emculo wesintu uMaskandi ngokuwa kwesihlahla esikhulu umnumnzane Jan Smith. UJan amagalelo akhe kulomculo ajule kakhulu futhi waziwa ngisho uhlanya lomculo wesintu. UJan Smithi ubengumnikazi wendawo yokuqopha lapho kuqopha khona amaciko kaMaskandi. Maningi amaciko aphume ngaphansi kwesandla sakhe esebenza ngaphansi kweStudio esibizwa ngokuthi yiTakk Studios okuyila bezidlana khona imilala, ziphekwe zithulelwe … Read more

Wajika ezikhindini uNgizwe Mchunu

Wathi “Azikhale!”, zamkhalela uNgizwe Mchunu. Wajika ezikhindini ngebheyili owayengumsakazi woKhozi Fm, esakaza uhlelo lukaMaskandi uSigiya Ngengoma. Zamkhalela ngemuva kwesikhashana kube nezinsolo zokuthi ufunwa abakwasidlodlo ngonkulumo yakhe eyaythi “Azikhale!” eyayinxenxa ukuthi kukhululwe owengumongameli uMnumnzane Jacob Zuma. UNgizwe wazinikela kwabomthetho ngemuva kokufunwa ngamaphoyisa mayelana nokugqugquzela udlame emphakathini. Kuzokhumbuleka ukuthi uMacingwane ungomunye wabantu abebehamba phambili ekulweleni ukuthi kukhululwe … Read more

UGadla Nxumalo – Google

Abantu bahlale bekhalaza ngezinhlaka zikahulumeni ezingawenzi umsebenzi wazo okumele bewenzele izakhamuzi. Lokhu ke akumangazi ngoba phela umsebenzi wakhe uhulumeni ukuhlangabeza abantu ngezidingonqangi zabo futhi nguye osuke ebathembise lokho uma kukhankaselwa ukuvota. Ziningi izikhalo abantu abahlale benazo bekhala ngokugqoza kwezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi okubi ke ukuthi isikhathi esiningi ukukhala kwabo kuwela edwaleni njengoba bengathathelwa phezulu uma bekhala. … Read more

Zithulele Majotha Zungu

Seliphinde lasigubezela ifu elimnyama thina bathandi bomculo wesintu sakithi KwaZulu uMaskandi njengoba sekudlule iqhawe ebelidume kakhulu ngengoma yalo emnandi. Lapha sikhuluma ngomfoka Zungu uMajotha, obedume kakhulu ngokuzibiza Ngendlabeyiphika yangampela. Kungena izindaba zokuhamba kwalensizwa nje emhlabeni bekade sisanda kuzwa ngodaba lokungena engozini yomgwaqo kwentokazi ebizwa ngoNdoni ekuyo lendima kaMaskandi kanye noAli Mgube bona ababe nenhlanhla yokuthi … Read more

Ukufihlwa kuka Majotha Zungu

Lifihliwe iqhawe lomculo kaMaskandi uMajotha Zungu ebesibekelwe ukuthi selidlulile emhlabeni ngenxa yokugula obekumphethe. Lensizwa ifihlelwe ekhaya endaweni yakwaMaphumulo Oyengo. Nalapho umgcwabo ubugcwele phama abantu bengangizimpethu zendllovu bezovalelisa lensizwa ebidume kakhulu ngephimbo layo. Lensizwa ifihlwa nje bekuphume isicelo sikhishwa izinsizwa ebezibambe naye indima kulomculo zicela ukuba uMasipala wangakubo ungenelele ekufihlweni kwakhe ngoba bebonelela ukuthi lomgcwabo uzobe … Read more

UDr Khangelani DSD Mhlongo

Sekuyizo lezonsuku mthandi kaMaskandi zokuthi amaciko acikoze asilethele ukudla kwendlebe njengoba kuyilenyanga nje kaMeyi. Ezisematheni nje manje ukuphuma kwecwecwe lika Dubula Sodubulana uDr Khangelani Mhlongo owaziwa ngelika DSD kuyo lendima yomculo wesintu. Lensizwa isimnkantshubomvu emculweni kaMaskandi njengoba isineminyaka edlula ishumi nanhlanu ikule ndima . Maningi namava akhe asewabekile kuyo lendima, ingakho ke nje kungamangazi nokuthi … Read more

UZibokwakhe ‘Phuzekhemisi’ Mnyandu

UZibokwakhe Johnstone Mnyandu, owaziwa ngelika Phuzekhemisi wazalwa ngo-30 Novemba 1962, waziwa kabanzi njengenkosi yohlobo lomculo womdabu, umaskandi. Ngezingoma ezikhuluma ngempilo yendoda, usizi lwayo, amaphupho ayo, umculo kamaskandi akumangazi ukuthi ubizwe ‘ngeZulu Blues‘. Uhlukaniswe ngesitayela esikhethiwe sesigingci nezinkondlo zesiZulu ezikhulunywa ngokushesha, umculo kamaskandi uhlukile eNingizimu Afrika. Kepha lokho akusho ukuthi ayaziswa umhlaba wonke. UPhuzekhemisi udlalele izethameli … Read more