Dlubheke Khuzwayo

Kweminye imizi lento yomculo kaMaskandi iphilwa iwona wonke umuntu egcekeni kusuka kubaba womuzi kuze kuye nasezinganeni. UShobeni Khuzwayo weZingane Zoma ngomunye wamaciko anenhlanhla yokuthi uMaskandi awuphilwa uyena kuphela kepha uphilwa nayizingane zakhe uDlubheke noFalabo Khuzwayo abaziwa kakhulu kulomculo. UDlubheke indodana kaShobeni Khuzwayo kanti umculo uwuqale ewufundiswa ubaba wakhe ngoba phela ubaba wakhe unamaqembu Izingane Zoma … Read more

Prince Mangosuthu Buthelezi

Esifundeni sakwaZulu baningi abantu abadlale indima enkulu ukwenza lesifundazwe sibe yilokhu okuyikhona namhlanje. Kubantu abadlale indima enkulu ekutheni isizwe sakwaZulu sibe yilokhu okuyikhona namhlanje kungamandla kaMntwana wakwaPhindangene okungu-Prince Mangosuthu Buthelezi. Noma aziwa kakhulu njengomuntu obengusopolitiki kepha futhi ubenezwi elikhulu ezintweni ezithinta indlunkulu yase bukhosini bakwaZulu. Ukudlula kwakhe emhlabeni kuthuse abaningi kwashiya nesizwe sikaZulu sishaqekile ngenxa … Read more

Imithente

Noma ngabe ubani okhuluma ngeqhaza nendima edlalwe abesimame emculweni wesintu ikakhulukazi kaMaskandi ngeke angalibaluli igama leqembu iMithente ehlaba isamila. Phela ngelinye lamaqembu amadala kulendima yomculo kanti futhi ngamanye amaqembu angamavulandlela kubantu besimame abafisa ukuba yingxenye yalomculo. Igama elithi uMthente lisho utshani obumila ehlane obuhlaba busebuncane obungakwazi ukudliwa amazinyane nezimbuzi ngenxa yokuhlaba kwayo. Kanti ke lokhu … Read more

Kwakhe Mgqumeni Khumalo

Uma kukhulunywa ngomculo wesintu ikakhulukazi umculo kaMaskandi kusuke kukhulunywa ngoKhulekani Kwakhe Khumalo sesisho iBhova likaMaskandi. Akekho umuntu owazi ngomculo kaMaskandi ongalazi igama likaMgqumeni Khumalo. Noma ngabe inini uma kukhulunywa ngengqwele yalomculo igama lakhe lihamba phambili futhi nakhona kufanele ngoba ubugagu bekuyinto yakhe, iphimbo lokucula ephiwe lona, ngisho nokubhala izingoma imbala ubezihambela yedwa nje. Namanje singakusho … Read more

Ingqephu edliselayo

Zonke izinhlaka zomculo zinengqephu yazo, abacula ikwaito abantu abafana noDJ Tira, Mampintsha kanye namanye banendlela abagqoka ngayo. Ngisho nawo amaciko amaPiano nawo agqoka ngendlela yawo. Nawo ke umculo kamaskandi unjalo kukhona imfashini esuke idlela ogageni ithandwa abantu kanye nawo amaciko omculo. Ngisho uzihambela nje kweminye imigwaqo yaseThekwini edolobheni abanye abantu ukwazi ukubona ngendlela abagqoke ngayo … Read more

Thokozani Langa

UThokozani Langa odume kakhulu ngelikaSomnandi endimeni yomculo wesintu, uMaskandi/uMbhaqanga uzalwe ngomhlaka 09 Februwari 1972. USomnandi uzalelwe eMahlabathi bude buduze neDolobha uLundi, Kwa-Zulu Natal, eNingizimu Afrika. UThokozani Langa ukhiphe icwecwe lakhe lesithathu ngaphansi kwenkampani yakwa Bula ngonyaka ka-2004, kanti ke isihloko sale-album sasithi i-Protection Order. Maningi ke ama-album amenze wathandwa abalandeli bakaMaskandi futhi amenza wavelela nasemsakazweni … Read more

Izindlovukazi zikaMageba

Amaciko anendima enkulu ayidlalayo ezweni ekwakheni, abonise, anxenxe aphinde enze nezikhalo uma kukhona la angaboni kahle khona. Ingakho ke kungamangazi uma kukhona amaciko asukumela phezulu uma kukhona izinto zokwakha isizwe okumele zenziwe, nanoma futhi kukhona la okumele banxenxe khona umphakathi ngokuthile. Izindlovukazi zikaMageba iqembu lamaciko amathathu esimame kaMaskandi okungu Vumile Mngoma, Buselaphi Gxowa, Boneni Magubane … Read more

Buselaphi

Into eyenza ukuthi umculo wesintu uthandwe kakhulu umlayezo owudlulisayo, indlela olotshwe ngayo bese kuba isigqi sawo uma nje sibala izinto ezimbalwa. Maningi amaciko aqopha izingoma okuthi ngisho sekudlule iminyaka ngeminyaka zaqoshwa kepha umlayezo okuzo ungapheleli emoyeni. Uma sikhuluma ngamaciko abesimame kanye kanye namaqembu awo ngabe senza iphutha uma sishiya ngaphandle iqembu lemithente kanye nomama uBuselaphi … Read more

Amandla Embokodo

Umculo wesintu ugcwele kakhulu abantu besilisa, singasho nje ukuthi yinkundla yezinsizwa namabhungu. Kuleminyaka eyedlule abe mancane amaqembu omculo wesintu aphethwe imbokodo, kungesikho ukuthi ivalelwe ukuphatha amaqembu kodwa kungukuthi eningi ayizifakeli inselelo yokuba abaholi bamaqembu. Okuhle esikubona esikhathini samanje ukubona abesimame, izintombi kanye nabo omama abadala kulendima begqugquzela ukuthi imbokodo izibandakanye emculweni wesintu. Maningi amaciko esintu … Read more

Udlame kuMaskandi

Umculo wesintu muhle kakhulu, unomlayezo, uvusa usinga kanti futhi nabantu bawuthakasela kakhulu. Awugcini nje lapho usuvuse imizi emningi ngoba phela uwumsebenzi kanti ke futhi unemali eningi lokhu okwenza naba sebenza ngaphansi kwawo benothe. Akukho soka elingenasici nakuwo ke umculo kamaskandi lukhona unyawo lwedada phakathi. Sekubikwe kaningi ukudlula kwabalandeli kulomculo ngenxa yezimpi zakhona kumaskandi. Noma kungasiyona … Read more