Udlame kuMaskandi

Umculo wesintu muhle kakhulu, unomlayezo, uvusa usinga kanti futhi nabantu bawuthakasela kakhulu. Awugcini nje lapho usuvuse imizi emningi ngoba phela uwumsebenzi kanti ke futhi unemali eningi lokhu okwenza naba sebenza ngaphansi kwawo benothe. Akukho soka elingenasici nakuwo ke umculo kamaskandi lukhona unyawo lwedada phakathi. Sekubikwe kaningi ukudlula kwabalandeli kulomculo ngenxa yezimpi zakhona kumaskandi. Noma kungasiyona … Read more

USaliwa Ndunakazi

Zisina zidedelane esigcawini senkundla kamaskandi, unyaka nonyaka noma sithi njalo uma kukhona amaciko esintu akhiphe amacwecwe awo, kuba khona eliba nedumela kakhulu. Kanti ke osekujwayelekile ukuthi noma ekhona amaciko adumile nomculo wawo ohlezi abantu bewuthakasele kakhulu, kuhlezi kuzoba khona iciko elidonsa amehlo abantu. Kulonyaka ke sikhuluma ngensizwa eza noshuni ohlukile kepha omnandi kakhulu. Sikhuluma ngensizwa … Read more

Njoko noMdumazi

Aziswelakali izidumo kumculo kaMaskandi, kukancane ungazizwa izidumo kulomculo. Noma kungamazi ukuthi izinsizwa zihlale zihlale zincwekisane kulomculo kepha le kaMdumazi noNjoko kubukeka sengathi isekude ukuphela . Bucishe bachitheka bugayiwe lezinsizwa zifuna ukubambana ngezihluthu. Impi yalamabhungu indala kakhulu ngoba zigadlana ngisho kuzo izingoma zazo, futhi kubukeka sengathi akekho impela ofuna ukugoba uphondo phakathi kwabo bobabili. Lezinsizwa bezimenywe … Read more

Sandile Mbongwa

Lomhlaba kawunoni ngempela, uwathathe onke amaqhawe omculo wesintu, uma singabala nje amaciko aselele kobandayo singabala size sikhohlwe ukuthi sebebangaki abalele kwabhekabezayo. USandile Mbongwa ngamanye amaciko abedlala ushuni wawo wodwa engawubangi namuntu futhi nendlela abebhala ngayo izingoma ibihluke kakhulu kwamanye amaciko. Noma ebekwazi ukudlala isigingci kepha bekungasiyona kuphela into akwazi ukuyidlala ngoba neViolin ubekwazi njengoba ayeqale … Read more

Izinhlaka/Izinsimbi zika Maskandi

Umculo kamaskandi unezinhlaka ezenza kuphume inoni leli elisuke lizojabulelwa abantu, noma nje sithi izinhlaka ezenza ingoma noma iculo lelo kube iculo eliphelele ngoba phela ingoma akusikhona nje ukucula kuphela kodwa kuhambisana nezinsimbi zakhona eziyizinhlaka zayo. Kuleli khasi ke sidingida zona izinhlaka “Instrumentation” ezisetshenziswa ukwakha ingoma. Ngaphambi nje kokuba kwakhiwe ingoma kunento ebizwa ngokuthu ushuni “tune” … Read more

Ingoma kaZwelonke

Zikhala ngampela ke manje eThekwini esifundeni sika baba uZikalala njengoba zizobe zihlabana amalunda ngoJuni. Lokhu phela kusuka ekutheni kuza ingoma enkulu ngomhlaka 4 Juni 2022, ePeoples Park umuntu uzobe ebambe eyakhe eyenqina njengoba kuzobe kudlalwa ushameni onenkosi phakathi. Kujwayelekile ukuthi uma kukhona imicimbi yesintu efana nekamaskandi amagoso kashameni asale ngaphandle. Okujwayelekile nje ukuthi kube imidlalo … Read more

Kugqashuke ifindo kuShwi Nomtekhala

IsiZulu sithi okungapheli kuyahlola, nakwiqembu elinomlando futhi elidume kakhulu elibizwa ngokuthi uShwi noMtekhala sekufike la khona inhloko ihlukana nesixhanti. Kumangaze abaningi ukuvela kwemibiko yokuthi leli qembu liyahlukana. Okushaqise kakhulu ukuthi leli qembu sekuneminyaka lindawonye futhi kungazwakali nokuthi kukhona la abangasahoshelani khona umoya. Kubikwa ukuthi isisusa sokungazwani kwabo kusuka ezindabeni zokusetshenziswa kwezimali zeqembu kanye nokucazelana ngazo. … Read more

Mfaz’ omnyama

UMphatheni Khumalo odume kakhulu ngelikaMfaz’ omnyama wazalelwa kwaNongoma bekuyinkunzimalanga yomshayi wesiginci aphinde adlise angokucula izingoma ezinomlayezo kakhulu ngenxa yendlela abebhala ngayo izingoma zakhe. Kanti ke waphinda waduma kakhulu ngobugagu uma edlalela izinkumbi zabantu, akugcinanga lapho amacwecwe akhe ebethakaselwa abantu uma ekhiphile. uMfaz’ omnyama uhambe emhlabeni eneminyaka engu-42, ngo-2001 wayezalwe ngo-1959. Wahambela esibhedlela eSt. Benedict Hospital … Read more

Khangelani ukhuphula imfundo yakhe

Umculo wesintu ikakhulukazi lona kaMaskandi noMbhaqanga ubudume kakhulu ngokuthi umculo wabantu abangancwadile. Nakho lokho ke bekungekho kude kangako neqiniso ngoba uma ubuka emlandweni walomculo maningi kakhulu amaciko angenazo iziqu zemfundo ephakeme. Kulawo maciko abanenhlanhla yokuya esikoleni wona ke iningi lawo lagcina ebangeni leshumi esikoleni. Ngeke nakhona kugxekwe ukungafundi kwamaciko amaningi ngoba phela wona aziphilisa ngamakhono … Read more

Ngizwe Mlando Brian Mchunu

Uma sikhuluma ngomculo wesintu noma kaMaskandi ngabe asebenzi ubulungiswa uma singakhulumi ngoNgizwe Mchunu ngoba phela akekho umuntu olandela umculo wesintu ongawazi amagalelo alendoda. Maningi amaciko omculo womdabu athuthukiswe uNgizwe njengoba engomunye obengumsakazi obelwela ukuthi lomculo uhlonishwe namaciko agxile kuwona adle ngamandla awo. UNgizwe uke waba umsakazi woKhozi FM lapho ayisakaza khona uhlelo olubizwa ngokuthi “Dlala … Read more