Inkosi yamagcokama

Uma sikhuluma ngenzinsizwa ezifike kwacaca endimeni yomculo wesintu sikhuluma ngeVulandlela lakoSibalikhulu umfana waseMabomvini eMsinga. UScebi Dlamini akafikanga ugalelekile kulendima nokuyinto engasajwayelekile manje ukuthi ethi umculi omusha efika ebe ethakaselwa kakhulu njengoba kulomculo sekwaba nabalandeli abawoqhawe lami. Oqhawe lami ilabalandeni bakaMaskandi abangawunaki umsebenzi wamanye amaciko ngoba belalela laba ababathandayo kuphela. Kumaciko amasha kuba nzima ngoba baningi … Read more

Mtshengiseni iNdidane Gcwensa

Ngeke siphathe eyaseMngeni kwaMajozi singamphathi uMgqumeni ngoba phela uyincele kuye ingoma. Noma begcine sebeyinkukhu nempaka uGcwensa noMgqumeni kepha lamadoda akhulisene kakhulu emculweni wesintu. UMtshengiseni noMgqumeni basebenze ndawonye nomalumekaMgqumeni uMahawukela, okuthe noma esehambile uMahawukela basebenza bobabili eqenjini leBhova elibizwa ngokuthi Amagcokama. UMtshengiseni lona wazalwa ngomhlaka 06 Mashi 1972, endaweni yaseMsinga esigodini sakwaMajozi, KwaZulu Natali. Njengoba sike … Read more

Amaculo kaMaskandi “Top 10″

Sonke sinemibono ngokuthi kumaciko omaskandi ubani ingqwele, kanti ke imbono yethu ayifani ngoba nezizathu esinazo azifani zokuthanda amaciko esiwathandayo. Noma ngabe ubani unalo ilungelo lokukhetha iciko akalithandayo futhi abe nombono ngalo ngoba phela inhliziyo ayiphakelwa ingakho ungeke ugxeke umuntu ngokuthanda into ayithandayo. Maningi ama-album kamaskandi athakaselwe abantu ngezindlela ezahlukahlukene, ingakho ke kungamangazi nokuthi kuhlezi kunembono … Read more

Khuzani Mpungose: Inja nogodo

Zibondwe zashiywa emculweni kamaskandi ekuqaleni kwesonto lika Zibandlela kanya ka-2021. Wonke umuntu ongumlandeli nomthandi walo mculo wesintu usuke ebambe yakhe impela ngoba phela kuyaziwa lana ukuthi isonto lokukhishwa kwama cwecwe ahlukahlukene ekhiphela ukuvala unyaka. UKhuzani Mpungose, iNdlamlenze edume ngokuba inkosi yomaskandi isivele yenze njalo. Kanti ke abantu bayithakasele ngampela ukuphuma kweNja Nogodo njengoba sekukhona nezingoma ezithandwa … Read more

Igcokama Elisha: Amavolovolo

Iwuchithile umuthi inkonyane kwaManqele, liphumile icwecwe leGcokama Elisha elisihloko esithi Amavolovolo. Leli cwecwe liphume ngomhlaka 02 Disemba 2021 belilindelwe ukuthi lizophuma gomhlaka 04 Disemba 2021 kule nyanga wabe esememezela emsakazweni uKhozi Fm uMthandeni ukuthi selushintshile usuku lokuphuma kwe-Album yakhe. Into enhle iyanconywa, ubashaye emakhanda umfoka Manqele ngesikhangiso se Album yakhe “CD Cover” kule album yakhe. … Read more

Ushuni kaMaskandi

Usina uyazibethela kulezinsuku umculi kaMaskandi iGcokama Elisha okubukeka engathi izinto zimhambela kahle kakhulu empilweni. Zisina ziyadedelana impela ezinhle kumfoka Manqele. Akujwayelekile ukubona uhlelo olumayenalana nomculi thizeni kaMaskandi libhunga ngamagalelo akhe kanye nezinselelo aseke wabhekana nazo ukuze abe sezingeni asekulo. Izinhlelo ngamaciko athile sizigcina kakhulu ngamaciko akulena eminye imikhakha yemculo. Lapha singabala umkhakha weHip Hop njengoba … Read more

Mnumnzane Jan Smith

Bakhihla esikaNandi abalandeli kanye namaciko emculo wesintu uMaskandi ngokuwa kwesihlahla esikhulu umnumnzane Jan Smith. UJan amagalelo akhe kulomculo ajule kakhulu futhi waziwa ngisho uhlanya lomculo wesintu. UJan Smithi ubengumnikazi wendawo yokuqopha lapho kuqopha khona amaciko kaMaskandi. Maningi amaciko aphume ngaphansi kwesandla sakhe esebenza ngaphansi kweStudio esibizwa ngokuthi yiTakk Studios okuyila bezidlana khona imilala, ziphekwe zithulelwe … Read more

Wajika ezikhindini uNgizwe Mchunu

Wathi “Azikhale!”, zamkhalela uNgizwe Mchunu. Wajika ezikhindini ngebheyili owayengumsakazi woKhozi Fm, esakaza uhlelo lukaMaskandi uSigiya Ngengoma. Zamkhalela ngemuva kwesikhashana kube nezinsolo zokuthi ufunwa abakwasidlodlo ngonkulumo yakhe eyaythi “Azikhale!” eyayinxenxa ukuthi kukhululwe owengumongameli uMnumnzane Jacob Zuma. UNgizwe wazinikela kwabomthetho ngemuva kokufunwa ngamaphoyisa mayelana nokugqugquzela udlame emphakathini. Kuzokhumbuleka ukuthi uMacingwane ungomunye wabantu abebehamba phambili ekulweleni ukuthi kukhululwe … Read more

UGadla Nxumalo – Google

Abantu bahlale bekhalaza ngezinhlaka zikahulumeni ezingawenzi umsebenzi wazo okumele bewenzele izakhamuzi. Lokhu ke akumangazi ngoba phela umsebenzi wakhe uhulumeni ukuhlangabeza abantu ngezidingonqangi zabo futhi nguye osuke ebathembise lokho uma kukhankaselwa ukuvota. Ziningi izikhalo abantu abahlale benazo bekhala ngokugqoza kwezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi okubi ke ukuthi isikhathi esiningi ukukhala kwabo kuwela edwaleni njengoba bengathathelwa phezulu uma bekhala. … Read more

Zithulele Majotha Zungu

Seliphinde lasigubezela ifu elimnyama thina bathandi bomculo wesintu sakithi KwaZulu uMaskandi njengoba sekudlule iqhawe ebelidume kakhulu ngengoma yalo emnandi. Lapha sikhuluma ngomfoka Zungu uMajotha, obedume kakhulu ngokuzibiza Ngendlabeyiphika yangampela. Kungena izindaba zokuhamba kwalensizwa nje emhlabeni bekade sisanda kuzwa ngodaba lokungena engozini yomgwaqo kwentokazi ebizwa ngoNdoni ekuyo lendima kaMaskandi kanye noAli Mgube bona ababe nenhlanhla yokuthi … Read more